UMLINGISI wefilimu iBaby Mamas ephume ngoLwesihlanu, uSalamina Mosese, uthi indlela abasekwe ngayo ngosuku lokuqala ikhonjiswa imenze waphelelwa ngamazwi.
USalamina noStephina Zwane bangabasunguli, ophrojusa nabaqondisi befilimu.
Amathikithi abedayisa aphele ezindaweni eziningi ifilimu ebikhonjiswa kuzo okukhona kuzo inxanxathela yezitolo, iMall of Africa, eMidrand, eGauteng.
USalamina uthe bayabonga kakhulu ngothando abalutholile kubantu.
“Kusuka emindenini yethu elokhu iseseke ekuqaleni kuze kube manje siyabonga kakhulu. Lokhu kufana nephupho ngempela. Ngendlela abantu akade bephume ngayo kuze kwasiphoqa ukuthi sibe nemibukiso emibili ngosuku olulodwa ngenxa yokuthi bekugcwele kakhulu, eyodwa ibingeke ize ilunge,” kusho uSalamina.
Uthe kuyona yomibili imibukiso bathole ukuthi bekukhona abantu abasuka eBotswana nakwezinye izindawo ezikude.
“Ufikelwa yizinyembezi kwesinye isikhathi kuvele kuthi jabula kakhulu ngenxa yomuzwa osuke uwuzwa.”
Ifilimu ikhuluma ngezintokazi ezine ezinezingane nezibhekana nezingqinamba ezehlukene kubantu ezithandana nabo.
UThembisa Mdoda ulingisa indawo kaSandy onengane yentombazane kodwa ongasathandani noyise.
Uma emtshela ukuthi uyashada uSandy uvukwa yisikhwele futhi ukuthola kunzima ukwamukela.
USalamina ulingisa indawo kaToli nonengane noTumi (SK Khoza). Kuthi uma sebehlukene ngemuva kweminyaka lingaziphethe kahle isoka lakhe lifune ukubuya empilweni
yakhe.
UToli uyalitshela ukuthi ngeke kusalunga ukuthi babe ndawonye futhi uzitholela elinye isoka eligcina ngokumthembisa umshado.
UDineo ulingisa indawo kaJoy, onesoka lakhe angazi ukuthi linenye intombi ekhulelwe.
Ukuthola kwakhe kumshiya ephatheke kabi ekugcineni esezitshela ukuthi usedlulile kulo athole ukuthi ukhulelwe.
UKay Smith ulingisa indawo kaChantel, obhekene nezinkinga nathandana naye ngemuva kokumtshela ukuthi ukhulelwe.
Isoka lakhe lizama ukumbalekela kodwa ekugcineni liyabuya babe umndeni bakhulise ingane yabo.