MQOBI DUMA

UZIDONSELE amanzi ngomsele umlingisi osengumculi, uMnqobi Duma, ezinkundleni zokuxhumana ethi ukwenza umculo kumuvule amehlo wabona ukuthi abantu bakuleli ababuqondi ubuciko.

Lo mculi owayelingisa indawo kaBafana kwiGenerations: The Legacy, ubhale ekhasini lakhe kutwitter ukuthi ushiye kulo mdlalo ukuze agxile kumculo kanti usematheni kulezi zinsuku ngenxa yeculo lakhe lokuqala elithu Umsindo.

Leli culo lisematheni ezinkundleni njengoba abantu abaningi behlukene phakathi ngalo abanye belivuma bethi limnandi abanye bathi abawuqondisisi kahle umculo wakhe.

Enye into agxekwe ngayo uDuma yi-music video yeculo lakhe, abalithandile bathe ayihambisani nalo. Lo mculi ukhombise ukungakugqizi qakala ukuphawula kwabantu njengoba ethe umatasa upheka kabusha iculo alibhala ngonyaka ka-2016. Buka imusic video yoMsindo esibukwe ngaphezulu kuka 240 000 kuYouTube: