UMETHULI wezemidlalo kuRadio 2000, uRobert Marawa, usenxuse abantu ukuthi bavakashele odokotela bazihlole ukuthi baphile kahle uma bezwa izinhlungu emzimbeni.
Ukusho lokhu kwi-video ayifake kwiTwitter echaza ngesehlakalo sokuphinde ahlaselwe yisifo senhliziyo esimenze wangeniswa egunjini labagula kakhulu ngesonto eledlule.
URobert useke wahlaselwa yisifo senhliziyo izikhathi ezimbili eminyakeni edlule.
Kwi-video uveza ukuthi ngemuva kokungazizwa kahle enezinhlungu esifubeni wathatha imoto waya esibhedlela eyobheka ukuthi yini imbangela yokungazizwa kahle.
“Ngemuva kokufika esibhedlela ngizithole sengisegunjini labagula kakhulu engihlale kulo cishe isonto lonke. Sengiphumile nokho egunjini labagula kakhulu, sengikwelabalulamayo. Ngiyabonga kakhulu kubahlengikazi nodokotela ngomsebenzi abawenzile esibhedlela engikuso esinodokotela abasezingeni eliphezulu. Nakubona bonke akade besiza ngiyabonga kakhulu,” kusho uMarawa.
Uthe yize eseluleme kodwa udlulisa umyalezo kubantu ngoba ufuna bayigade impilo yabo.
“Impilo ibalulekile kakhulu. Okwamanje odokotela basazama ukubheka ukuthi alikho yini ihlule elidale lokhu yingakho ngisagcinwe khona namanje. Nokuhamba-ke kube nomthelela ngoba ngisanda kubuya e-Egypt,” kusho uMarawa.
Uthe okuningi uzokuxoxa uma kuhamba isikhathi kodwa ubonga yonke imithandazo yabantu.
Ngesonto eledlule kuSAfm, uWalter Mokoena, uthe insizwa ezakhele igama ekuhlaziyeni ezemidlalo, uDavid Kekana, isesibhedlela igula kakhulu.
Ukusho lokhu ohlelweni lukaThabiso Mosia wabe esecela ukuthi abantu bamthandazele.