Ezokungcebeleka

Abangamathe nolimu sebengabefundisi

Charles Khuzwayo|Published

UPHINDILE "Phindi" noMonwabisi "Mo" Grootboom sebengabefundisi

Image: FACEBOOK

OWAZAKHELA udumo ngokuhlela imicimbi yamahlaya eThekwini, uMonwabisi "Mo" Grootboom nomkakhe, uPhindile "Phindi" uMaZungu, sebengabefundisi.

 Lezi zithandani ezingamathe nolimu futhi ezihamba ezinyathelweni zikaHhashi Elimhlophe no-Ebony kanye noCaiphus Semenya noLetta Mbulu, zigcotshelwe ubufundisi ngeSonto. Lezi zindaba zidalulwe yizo ezinkundleni zokuxhumana. Zibhale ngokuhlanganyela ukuthi emuva kweminyaka elishumi zibalekela ubizo kodwa uNkulunkulu ugcine ezinqobile njengoba zigcine zikwamukele ukugcotshelwa ukuba ngabefundisi.

Kulo nyaka uMo (48) noPhindi (48) bagubha ukuqeda iminyaka engu-21  babopha ifindo likasofasilahlane endaweni yabadla izambane likapondo eBallito emuva kokuba uMo acela uPhindi umshado belungiselela ukuhambela umcimbi wokumenyezelwa kwabahlabane kumaMetro FM Music Awards e-ICC Arena, eThekwini. 

Sebebhale inqwaba yezincwadi, okubalwa kuzo esihloko sithi Love Isn't For Cowards nethi Stuff We Wish We Knew Before Getting Married, basakaza uhlelo lwangeSonto iFamily with Mo & Phindi kwiKaya 959 futhi badidiyela uhlelo lweTV iFor Better or Worse with Mo and Phindi kuMzansi Magic.

UMo, odabuka eGqeberha, uqale ukwaziwa esasebenza kuMasipala weTheku ngenxa yokuthi wayegqugquzela umcimbi wamahlaya i-99% Zulu Comedy Show eyagqamisa ikhono likaCeleste Ntuli, Sifiso Nene, Felix Hlophe, Simphiwe Shembe nabanye. Ngaleso sikhathi uPhindi wayesebenzela elinye iphephandaba lesiZulu.

Njengoba sebengabefundisi babonge ozakwabo basebandleni i-Oasis Church, ikakhulukazi uMfu Khaya Mthethwa noMfu Xolani Zondo, abebeyingxenye yomcimbi ebebegcotshwa kuwo.

"Ngokufanayo sithanda ukubonga imindeni yethu nabangani abashiye konke ukuzohlanyela nathi...Sesikulangazelele futhi sethemba uNkulunkulu ukusicathulisa kulolu hambo. Ubufundisi bethu benganyelwe wumusa nothando. Sesimagange ukubona uNkulunkulu azokwenza ezimpilweni zethu," kusho lezi zithandani ezibuye zibe ngabaluleki babashadikazi.

Ziphethe ngokucela ukuthandazelwa ukuze zingaphambuki kule ndlela eseziyiqalile.

MO noPHINDI GROOTBOOM

Image: FACEBOOK

PHINDI noMO

Image: FACEBOOK