ABAZIGQIZI qakala izinsolo zokuthi bayathandana abalingisi besifazane ababili bemidlalo yethelevishini. Lokhu kwenziwa yimibono yabantu ezinkundleni zokuxhumana abasola ukuthi bayathandana.
UPuleng Ndlovu, oselingise emidlalweni ehlukene, uthi indlela esondelene ngayo noGcina Mkhize owayelingisa kwiSibaya, yenza abantu basole ukuthi bayathandana.
“ Ngiyazi ukuthi kuba lukhuni kwabanye ukuphumela obala ngobudlelwano babo ngezizathu ezehlukene kodwa thina siyazi ukuthi kunezinhlangano ezigqugquzela ukuthi abantu abathandana nabobulili obufanayo bangesabi ngempilo abayiphilayo. Mina noGcina asiqomene kodwa singabangani abasondelene kakhulu nabanobudlelwano obujulile. Sekukaningi sizwa abantu beveza izinsolo zokuthi siyathandana kodwa akusikhathazi lokho.
“Nathi sike sikusho ukuthi siyathandana kodwa sisuke singaqondile ukuthi siqomene. Ngeke sikufihle uma kungabakhona into enjalo. Mina noGcina sazwana siqala ukuhlangana kuneziqephu engangizitholile kwiSibaya ngesikhathi esalingisa khona. Okwabuye kwenza ukuzwana kwethu kwafika kuleli zinga, wukuthi ngingumelaphi wendabuko kanti noGcina unomoya wobungoma,'’ kucacisa uPuleng, ngobuhlobo bakhe noGcina.
Uthe uyamthanda uGcina njengomngani wakhe weqiniso futhi kuningi abakuxoxayo okujulile ngenxa yokusondelana kwabo. Kuthintwa uGcina, ukuqinisekisile ukuthi ubudlelwano babo bujulile.
“ Ziningi kakhulu izinto esizixoxayo ezijulile. Kungenzeka abantu badidwa yindlela esisondelene ngayo. Yize ngimdala kunoPuleng kodwa ziningi izinto angisiza kuzona kwezikamoya ngoba nami nginomoya wobungoma. Into eyenza siphinde sixhumane kakhulu ukuthi sithanda izinto ezifanayo, izinto angazithandi nami angizithandi. Ngicabanga ukuthi ngenye yezinto esenza sisondelane kangaka,” kuchaza uGcina.