KUZOBONAKALA abalingisi bakuleli abahlukene uma sekuqala ukukhonjiswa kwefilimu kaBeyonce ethi Black Is King, ngo-Agasti.
Abalingisi okukhona kubo uWarren Masemola, Connie Chiume, Nandi Madida noNyaniso Dzedze nabanye base-Afrika, babe senhlanhleni yokufakwa kule filimu.
Iziteshi zakwaDStv ngo-Agasti 1, zizovulwa zonke njengoba isiteshi sakwaM-Net (101), sizobe sikhombisa le filimu okokuqala.
Le filimi izokhonjiswa kulesi siteshi ngo-8 ebusuku.
Izokhonjiswa e-Afrika okokuqala ngalolu suku njengoba izobe iphume kwamanye amazwe ngoJulayi 31.
Le filimu isuselwe ezingomeni zale ntokazi ezaphuma kwi-albhamu yayo ethi, The Lion King: The Gift, eyaphuma ngonyaka odlule.
UYolisa Phahle ongumphathi kwaMultichoice, uthe lona umlando kubona njengoba besasigcinile isithembiso sokujabulisa abalandeli ngezinhlelo namafilimu ahlukene akhona emhlabeni.
“Okujabulisa kakhulu ukuthi izothi iphuma phesheya kwezilwandle nathi, siyibone ngakusasa ingathathi isikhathi eside ukufika kithina. Lena ifilimu ezobe ibukwa umhlaba wonke, kuyajabulisa-ke nakithi ukuba yingxenye yayo. Okunye okujabulisayo ngeBlack Is King ukuthi baningi abaculi base-Afrika abasebenze kuyo esesifikile isikhathi sokuthi sibone umsebenzi wabo,” kuchaza uYolisa.
Le filimu iqoshelwe emazweni ahlukene okukhona kuwo elakuleli, eNew York, Los Angeles, West Africa, London naseBelgium.
Abaculi * -Anatii, Busiswa, DJ Lag noMoonchild babe nesandla kuyona.