UZOGADLA ngabalingisi abadumile umdlalo omusha uMakoti, ozokhonjiswa kuSABC1 kusuka maphakathi nenyanga.
Kuvela ukuthi lo mdlalo udidiyelwa yi-Urban Brew Studios eyenza iLive Amp, YoTV, Real Goboza, Khumbul’ekhaya nokunye.
Phakathi kwabalingisi abakhona kubalwa uMike Mvelase owayenguKhaphela kuGenerations ozodlala indawo kaLawrence, owayengumlingisi weGenerations: The Legacy uThuli Phongolo onguLilitha, Andile Gumbi olingisa indawo kaSiyabonga, Tina Jaxa onguNoma, Cindy Mahlangu odlala indawo kaKayise, Siphehlise Vazi onguMthoko nabanye.
Ebuzwa ngalo mdlalo uPhillip Mabitsela wezokuxhumana kwaSABC1, uthumele imininingwane eveza ukuthi uzobe ubheka ubudlelwano bezothando bamanje obenza buphumelele noma bungahambi kahle.
“Umdlalo uzolandela izithandani ezine ezigabeni ezahlukene zobudlelwano bazo noma emshadweni.”
Izithandani zizobe zimpintshwe umsebenzi, umndeni nobungani nokuzokwenza ukuthi kube khona ukuxabana.
UVazi, obuye abe ngumethuli weSelimathunzi kuyona iSABC1 izolo ubematasa nokuqopha. Nokho kwi-video efakwe ku-Instagram uthe sekusele kancane ukuthi abantu bababone.
“Sengijahe kabi ukuthi nisibone. Ningabona sibahle kanjani,” kusho yena.
Umdlalo uzoqala ukukhonjiswa ngoJulayi 17. Uzodlala njalo ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.