KUSHUKUME izinkundla zokuxhumana izolo ngesikhathi inkosikazi yenkakha yebhola uMatthew Booth iveza obala amahlazo akhe.
USonia Booth unikile ezinkundleni zokuxhumana eneka amanyala wokuthi umyeni wakhe akasathembekile emshadweni wabo futhi ujola nomuntu ambize ngokuthi wuBongani Moller.
Le ntokazi yasePhimville ifake isithombe samakha eGucci yabhala umlayezo othi: “Bachithe ubusuku ePolokwane wase eyihambisa kwayo. Ngiyabona nje ukuthi bekumnandi ngoba uMatthew Booth ufike ekhaya nesipho esihle, phakathi kukhona namakha iGuilty, okungamancoko amabi avezwa wuBongani Moller.”
Lo mlayezo uwunameke ezinkundleni wamhlalisa obala umyeni wakhe wangamfihlela. Kushone elayizolo le ntokazi ilokhu inameke izinto ezahlukene eziveza ububi bomyeni wayo nokushiye abaningi bebambe ongezansi.
Kweminye imilayezo ebonisa uBooth ethenge izimbali nokudla okubizayo, uthi wahamba ekhaya ekuseni kanti uya entombini. Wathola umlayezo ovela kumyeni wentombi emtshela ukuthi wayengekho esesifundweni eMaputo, wamangala efonelwa wumkhwekazi wakhe emtshela ukuthi izingane zivakashile, wamangala ukuthi kungani amadodana akhe evakashiswe emakhaya yena engazi, sekuyicacele nayo indoda ukuthi kwakuxoshwa izingane ngoba umkayo efuna ukungcebeleka noBooth.