INTSHA yakuleli izothola elinye ithuba lokukhombisa ngekhono layo lokwethula izinhlelo, njengoba abakwaBET, sebeveze ukuthi uhlelo oluthungatha abethuli abasha bezinhlelo iVJ Search ikhza ibuya.
Ngenyanga ezayo kuzoqala inhlolokhono yokuthungatha owesilisa noma owesifazane osemncane ozothula izinhlelo ikakhulukazi zakwaMTV Base. Lokhu kuvezwe isikhulu sakwaBET, uMonde Twala, enkulumeni ekhethekile neSolezwe.
UMonde uthe, ngokujwayelekile bebenza inhlolokhono ngemuva kweminyaka emibili kodwa kulokhu babone kungcono bayenze iminyaka ilandelana.
“Ekuqaleni kukaJulayi sizoqala ukuhambela amadolobha, uma ngikhumbula kahle iTheku kuzoba elesithathu esizokwenza inhlolokhono kulona. Siyazi ukuthi njengoba besenze inhlolokhono ngonyaka odlule abaningi bebengayilindele kulo nyaka kodwa izoba khona."
Uthe awukho umehluko okhona njengoba bethungatha oyedwa ozokwethula izinhlelo ezehlukene eziteshini zabo.
“Intokazi eyaphuma isibili ngonyaka odlule yenza kahle kakhulu njengoba kukhona izinhlelo ezenzayo, siyathemba ukuthi nakulo nyaka sizophinde sithole abantu abanethalente,” kuchaza yena.
Uthe umuntu abazomthola kulo nyaka uzobonakala eziteshini okukhona kuzo iComedy Central, BET neMTV Base.
Ngonyaka odlule insizwa yasePitoli, uTshego Mosupye (26), odume ngelikaTshego Koke wadla umhlanganiso kulolu hlelo.