ABALANDELI bomculo kamaskandi bayeke phansi ukungezwani kodwa bahlangana, bamangalela isikhondlakhondla somsakazo, Ukhozi FM, enhlanganweni yakuleli elawula ezokusakaza, i-Independent Communications Authority of South Africa (ICASA). Abalandeli bakhala ngokungacaciselwa yizikhulu zoKhozi ngokungangeni kwengoma kamaskandi kwiTop 10 yamaculo ayebanga ukuhlukanisa unyaka kulo msakazo ngoDisemba 31, nyakenye.
Okhulumela abaholi babalandeli, uMhlengemali ‘Mbhinqo’ Mthembu woSaziwayo uthe bathathe lesi sinqumo ngemuva kokuhluleka kwezikhulu zoKhozi FM ukuhlangana nabo ukuze babacacisele ukuthi kwenzekani. “Sifuna ukucaciselwa ukuthi kungani ingabanga khona ingoma kamaskandi ezingomeni ezaqokelwa kwiTop 10 ngoba thina senza konke okusemandleni ukuthi siyawavotela amaqhawe ethu ngama-email.” UMthembu uthe bazwile ngandlebenye ukuthi kunezikhulu ezashaya phansi ngonyawo zathi ayingafakwa ingoma kamaskandi kwiTop 10 ngemuva kokuba kwaphumelela uMroza Fakude ngo-2016. Uthe esigungwini sabo kunezinduna eziqhamuka kubalandeli bakaMjikijelwa, Igeza LakwaMgube, Khuzani, Igcokama Elisha nabanye abalandeli.
Owe-Icasa obhekelele izikhalo, u-Ongkarabile Mofokeng, ukuqinisekisile ukuthi usitholile isikhalo salaba balandeli futhi basaphenya.
Ethintwa umphathi woKhozi FM uMnuz Bonga Mpanza uvumile ukuthi ikhona incwadi abayithola ivela kubalandeli kodwa bebengakasitholi isikhathi sokudingida ngayo.
“Ifike ngesikhathi esimbi sisaxinwe yimikhankaso ebisenza sisebenzele ngaphandle. Siqale ngomkhankaso weNyus’Ivolume ngoDisemba, kwaba oweBack To School ngoJanuwari. Njengoba sesiqedile ngale mikhankaso sizobe sesihlela kahle isikhathi semihlangano,” kuchaza uMpanza.
Isitatimende esithunyelelwe abezindaba yilesi sigungu sabalandeli sithe: “Siyethemba ukuthi lolu phenyo lwe-Icasa luzosiza ukuphoqa aboKhozi FM ukuthi baphumele obala baveze ubufakazi bokuthi umculo kamaskandi wehluleka ukuba nezibalo ezanele zabaculi noma izingoma ezazingangena ohlwini lwengoma ezohlukanisa unyaka.”