WENZE into yamehlo uBabes Wodumo ngesikhathi enandisa emcimbini iDurban Music Festival eVirginia Airport, ngoLwesihlanu ebusuku.
UBabes, ozibiza ngeNdlovukazi yeGqom’, ungene ngemuva kuka-12 ebusuku ephelezelwa wuBiggie, ozakhele udumo ngokupikwa engomeni kaDJ Websta. Le ngoma ethi Obaleka, yayikhona kweziwu-10 okwakukhethwa kuzo ezokuhlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM.
UBabes ushaye izingoma zakhe, okubalwa kuzo ethi Umphabazo, ayikhiphe ngoDisemba. Ube esededela abadansi bakhe abagcwale isiteji bahlanyisa abantu ngemidanso eyahlukene.
Ngaleso sikhathi abantu bese besondele eduze nesiteji bethe njo kulaba badansi.
UMREPHA u-AKA ngesikhathi enandisa kwiDurban Music Festival. Isithombe: FANELESIBONGE BENGU
Ngemuva kukaBabes, kungene umrepha u-AKA. Ngaphambi kokuthi angene kuthuleke cishe imuzuzu engu-15 kusalungiswa. Kuze kwangena uDJ Ndlo Jnr wathi ukudedela igqom ngaphambi kokuthi umphathi wohlelo uDynasty acele abantu ukuthi basondele esiteji kwabe sekungena * -AKA.
U-AKA, osanda kumemezela ukuthi uzokwenza ikhonsathi edlala ne-orchestra ePitoli, ngoMashi, ubehambisana nebhendi yakhe.
ABANYE babantu abebehambele iDurban Music Festival eVirginia Airport ngoLwesihlanu
Ushaye izintandokazi zezingoma zakhe okubalwa kuzo iFela in Versace, All Eyes on Me, Baddest nezinye. Abantu bebezicula naye lezi zingoma. Ubecula aze athi ukuphuza ugologo ayinxusa lawo abuye athelele nabantu.
Abanye abebenandisa nguBusiswa obenganqeni ukushaya amavosho, DJ Meech, Feel, Benny Maverick nabanye abaningi.