Ezokungcebeleka

Abaculi babhonge emswanini ngokushona koweZingane Zoma

Charles Khuzwayo|Published

OWAYENGUMENGAMELI wezwe, uMnuz Jacob Zuma exhawulana nomufi uBusani "Ntshebe" Khuzwayo emcimbini owawuse-ICC Arena eThekwini eminyakeni eyedlule

Image: SIGCINIWE

KUKHALWA zinkalo zonke ngokudlula emhlabeni komsunguli weqembu likamaskandi futhi obengumdlali wesigingci kulo, Izingane Zoma.

UBusani "Ntshebe" Khuzwayo (62) waseQhudeni, eNquthu, ushonele esibhedlela saseDundee ngoLwesihlanu ngezithuba zabo-9 ekuseni emuva kokungeniswa khona ngoLwesihlanu olwedlule exinwe yisifo sikashukela. Kwababhonge emswanini kubalwa indlovukazi yalo mculo, uDkt Buselaphi Buthelezi-Gxowa owaduma kwiMithente, okuyiqembu elalingcweka ngengoma neZingane Zoma eminyakeni eyedlule.

"Ngicela ukukhalela Izingane Zoma, umndeni wakwaKhuzwayo nabathandi bomculo kamaskandi. UKhuzwayo ngimazi ngomoya omuhle nokuba wumuntu obehlala njalo ezihlekela nangenhlonipho, ukuthanda umsebenzi wakhe kakhulu nokudlala kwakhe isigingci ngendlela eyehlukile. Sohlala njalo simkhumbula ngenhlonipho ebenayo. Yize ebemdala kunathi, ebezehlisa, engakhethi ukuthi usebenza noDr Buselaphi noma neZingane Zoma. Ubenothando kakhulu," kusho uDr Buselaphi.

UMUFI uBusani Ntshebe Khuzwayo enozakwabo kwiZingane Zoma Music, uThandoluni Phungula (ongakwesokunxele) noTholakele Ngobese

Image: FACEBOOK

UKhuzani owaqala ukwaziwa engaphansi kwenkampani kaNtshebe, Izingane Zoma Music, uthe "Kwaze kwanzima kakhulu esikuzwayo ukuthi ubaba uNtshebe akasekho emhlabeni. Sengathi umndeni wakhe ungaduduzeka kulobu bunzima. Kuyona yonke indima kamaskandi asilaleni ngenxeba.Kwizihlobo nabangani ngithi duduzekani nonke, niqine kulesi sikhathi esinzima," kuphawula uKhuzani.

UThokozani "Somnandi" Langa uvele waphelelwa ngamazwi ngesikhathi ezwa lezi zindaba "Angazi nokuthi ngingathini. Ewuuu madoda!  Bab' uKhuzwayo kanjalo nje. Akusenani, ulale ngokuthula Qwabe uyibekile induku ebandla. Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini wonke wakwaKhuzwayo nasesizweni sonke sakaSithole kwaNgqulu, silimele sonke ngeNtshebe. Ngithi dudu kakhulu nakubangani nakwiqembu leZingane Zoma kanye nakubathandi bomculo. Uphumule ngokuthula bab' uKhuzwayo," kusho uThokozani Langa.

NoBhekihonga Ngubane waMangcukumane neZechalaha akasalanga ngaphandle kwababhonge emswanini ngale ngqalabutho. "Ewu madoda ukufa kuyazenzela. Engabe soneni kangaka? Sithi dudu emndenini wakwaKhuzwayo naseqenjini, Izingane Zoma. Ulale ngokuthula Bab' uNtshebe," kuphetha  uBhekihonga.

UJaiva Zimnike osebenzile neZingane Music kusaphila uMgqumeni Khumalo futhi esesebenza nakoSaziwayo, uthe nakubo izinyembezi zehla zilandelana ngaleli qhawe. "Sonke siyakhala Mnguni, sengath ungalala ngoxolo. Kuningi esikufundile, kubalwa nenhlonipho ngaphezu komculo Phakathwayo, kusho uJaiva Zimnike.

Inkampani kaNtshebe, Izingane Zoma Music, zikhiphe isitatimende ziqinisekisa lezi zindaba futhi yathi izokukuchaza konke ngezinhlelo zeqembu uma sekufihlwe umufi.

Ngokusho kwelungu leZingane Zoma nelisebenze noNtshebe kusukela ngo-1993, umufi waqala ukuhlatshwa ukugula kade enandisa kwiMpucuzeko Maskandi Festival eThekwini nyakenye. Kwaqala sengathi uhlatshwe yinto ethize kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwagcina sekuyisilonda esingapholi. Ubese eseshaywa yisifo sohlangothi waphuthuyiswa kwababonayo kodwa kwanhlangazimuka nomoya. Wabuye wadluliselwa esibhedlela saseDundee okuyilapho umphefumulo wakhe uphumele khona izolo. Bekungakaphothulwa ngezinhlelo zokufihlwa kukaNtshebe. 

 

UBUSANI "Ntshebe" Khuzwayo oshonele esibhedlela saseDundee ngoLwesihlanu

Image: SIGCINIWE

UNTSHEBE Khuzwayo ophakathi nendawo enandisa neZingane Zoma emcimbini owawuseMega City eMlaza eminyakeni eyedlule

Image: SIGCINIWE