UZOGADLA ngezilomo zomaskandi umdlalo wethelevishini oyintandokazi kubabukeli, Uzalo.
Omaskandi abazobonakala kulo mdlalo nguNjoko, wodumo lwengoma ethi uThembelihle, noMzukulu wengoma ethi Dali Wami, okuyiculo elacishe lahlukanisa unyaka kuKhozi FM ngo-2018.
Lezi zindaba zimenyezelwe uNjoko ekhasini lakhe leFacebook ngemuva kokuqopha isiqephu sabo kulo mdlalo ngoLwesine. Ubuye wafakazisa nangezithombe zabo belingisa kuwona umdlalo nezinye benezintandokazi zabalingisi boZalo okubalwa kubo uDawn Thandeka King.
Leli phephandaba lixhumane nabo abaculi abazwakalise ukujabula kakhulu ngokuthola ithuba.
“Abadidiyeli nabalingisi balo mdlalo kudala bengifuna, befisa ngivele kuZalo. Kube yinto enhle kakhulu” kuchaza lo mculi.
UMzukulu uthe kube yingqayizivele yethuba ukulingisa kuZalo olusaqengqeleza phambili ngokwezibalo zababukeli.
“Lokhu sikuthathe njengethuba lokuba sisebenzisane njengamaciko emculweni nasekulingiseni. Kube nesasasa elikhulu kimina okwenzekile. Ngiyaziqhenya ngakho,” kusho uMzukulu.
Kulindeleke ukuthi la maciko avele ngasekupheleni kwale nyanga.
Okhulumela Uzalo, * -Ayanda Mthiyane, wenqabile ukuphawula wathi obekwenzeka ngoLwesine akuhlangene nabo.
La maciko awehlukani njengoba ehlezi ebonakala ndawonye ezinkundleni zokuxhumana nasemicimbini eminingi. Athe esinye salezo zizathu wukuthi akamonazelani futhi ahleze efiselana okuhle. U-2019 ubukeka usamhambela kahle uNjoko njengoba ingoma yakhe ethi Sengiqomile idla ubhedu futhi ngoLwesihlanu ubethula i-video ethi Sengiqomile nethi uThembelihle eDurban Music School, eThekwini.