ATHUKUTHELE ayaveva amaciko ayebambe iqhaza kwindumezulu yomqhudelwano oqanjwe ngowayeyisihlabani seBafana Bafana ne-Orlando Pirates, iSiyabonga Sangweni Youth Month Festival eyayisezinkundleni zemidlalo zaseDondotha, eMpangeni kusukela ngoMeyi 28 kuya kuJuni 1 nyakenye.
Bathi selokhu banandisa kulo mcimbi abakaze bathola ngisho indibilishi kulo mcimbi.
Umthombo ongaphakathi kuMasipala waseMfolozi udalule ukuthi kunesikhulu esesilala obenyoni ngenxa yabantu abahlale besifuna imali yabo.
“Sesike sahlaselwa ngisho abadlali bebhola befuna izimali zabo ezinkundleni zaseRichards Bay, saze salanyulelwa ngesinye isikhulu sebhola, kukubi impela. Kunenqwaba yabantu abakhalayo ngezimali zabo abazikweletwa ngumasipala,” kusho lo mthombo.
Kubaculi okuthiwa abakayitholi imali yabo kubalwa izihlabani zikamaskandi okunguQhosha-ngokwenzakwakhe Sibisi wodumo lwengoma ethi Yanamathela Ne nethi Osozimali, uSgwebo Sentambo odume ngethi Lengoma Inodlame nethi Emsakazweni Kuyagwazwa,
Indoni eyaziwa ngethi Yimi Ugoelkeeper nethi Ngekabani LeCarvela noMshini Wemali owaziwa ngethi KwaMashu.
Ebuzwa uQhosha uvumile ukuthi akakayitholi imali yakhe.
“Impela asikaholi kodwa nginethemba lokuthi sizogcina siyitholile imali yethu ngoba isikweleti asiboli. Sisalindile ngethemba lokuthi izodlula inkinga esabakhungethe bese siyahola,” kusho uQhosha ngokubhuqa.
USgwebo Sentambo uthe yena wagcina ethole uR5 000 kuphela.
“Mina kulo mcimbi bese nginandise kuwo iminyaka eemine. Bengihlale ngiqashwa nguSiyabonga Sangweni.
“Indaba iqale ukonakala sewuphethwe ngumasipala ngoba ngaze ngazicelela ukuqashwa.
“IMeya (uMnuz Smanga Mgenge) yathi angize kodwa ngizonikezwa uR5 000. Ngathi sengifikile yathi sengizothola uR15 000. Ngamangala isinginikeza uR5 000 kuphela.”
USgwebo uthe wathi uma esebuza ngoR10 000, imeya yamtshela ukuthi ngeke ewuthole ngoba wayevele engekho ohlelweni futhi ngangizoziveza emphakathini.
“Sengidlale iminyaka emithathu kodwa kuthiwa ngisaziveza. Okubuhlungu ngikweleta ikhumbi engangiyiqashe ngoR9 500,” kukhala uSgwebo ongomunye wabaculi abahamba phambili bakamaskandi.
UNdoni uthe yena usekhathele ukubelesela le mali kumasipala.
“Sengigqigqe kakhulu kuwo kodwa angiyitholi imali yami. Kubuhlungu okwenziwa wuhulumeni wabantu kuthina ekubeni nathi sizizamela. Siphila ngawo umculo, awukho omunye umsebenzi esiwenzayo,” kusho uNdoni waseMpangeni ongumculi wesifazane osewole inqwaba yezindondo.
UMshini-wemali uthe yena ukweletwa uR5 000 futhi usethanda nokuyiduba le mali.
Oyimenenja kaMasipala uMfolozi, uMnuz Khulumokwakhe Gamede, wenqabile ukuphawula ngalezi zinsolo. Ukhale ngokuthi usesekhefini. Imizamo yokuthola Ezinye izikhulu zikaMasipala ezithinteka kulolu daba zigcine zingatholakalanga njengoba bezingazibambi izingcingo zazo.