Ezokungcebeleka

Kubukeka kunesasasa ukubuyisa izinhlelo ezifana nama-Idols

Nokubongwa Phenyane|Published

OSAZIWAYO abake baba amajaji ohlelweni ama-Idols SA okukhona kubo uGareth Cliff, Unathi Msengana, Randall Abrahams noSomizi Mhlongo

Image: Sigciniwe

NGONYAKA odlule inkampani ekhiqiza izinhlelo ezihlukene ezikhonjiswa kwiSABC, okukhona kuzo iDeal Or No Deal SA, Masterchef SA, Wheel of Fortune nezinye, iPrimedia Studios, yamemezela ukuthi kulo nyaka isezinhlelweni zokuthi kubuye izinhlelo okukhona kuzo ama-Idols SA, Dancing With The Stars nezinye.

Bathi lokhu bakwenza ngokuhlanganyela nenkampani yaseMelika eyenza izinhlelo zobumnandi, i-Opulent Entertainment Group, kaDenim Richards.

Lezi zindaba kulezi zinsuku sezikhulunywa kakhulu emphakathini, futhi okucacayo wukuthi abantu bazibheke ngabomvu.

Ezinkundleni zokuxhumayo izizinda ezihlukene zezindaba seziqalile ziyazibika, nokucacela noma ngubani ukuthi ngempela maduzane iPrimedia ingamemezela izindaba okukhulunywa ngazo  idalule ukuthi lezi zinhlelo zizoqala nini futhi zizobonakala kuziphi iziteshi.

I-Multichoice, yenza elikhulu iphutha ngokuqeda lezi zinhlelo, nabo lokhu bakwenza bengathandi kodwa bephoqwa yisimo sabo sezimali, okuyimanje basalwa naso.

Ukuba nesasasa ngokubuya kwalezi zinhlelo kumele nakanjani kwenze iziteshi ezifana neSABC ne-e.tv zizilungiselele ukuthi mkhulu umsebenzi olindeleke kuzona, njengoba izinkumbi zabantu zizothi mbo, zizojabulela izinhlelo.

Izikhangiso, yizona okumele basebenze kuzona kanzima ukuze abantu babone ukuthi kuyasetshenzwa.

Okunye okumele bakuqikelele kulezi zinhlelo uma bezibuyisa wukuthi amajaji ayekhona phambilini awabuyi ngoba lokho kungenza abantu bangajabuli ngendlela abajabula ngayo manje.

Ekhuluma ngalesi sivumelwano uJan du Plessis wePrimedia waveza ukuthi kube wumzuzu ojabulisayo ukuthi bafinyelele esivumelwaneni esifana nalesi ukuthi bakwazi ukuvumbulula amakhono amasha kuzona zonke lezi zinhlelo.

"Lezi ngezinye zezinhlelo ezihamba phambili emhlabeni kuwona wonke amazwe eziwenzayo. Nathi sibona ithuba lokuthi sithole inkakha emkhakheni wokukhiqiza ezaphesheya kwezilwandle ukuze isebenze nathi silethe into okuzoba sengathi yintsha emehlweni ababukeli. Kuthe uma sihlangana sabona ukuthi sinombono owodwa ngekusasa lentsha yase-Afrika ukuthi kumele siyakhele amathuba afana nalawa futhi maduzane izinhlelo esizobe sizikhiqiza zizobe zikwelinye izinga," kusho uJan.

Kwenzeka lokhu nje, uhlelo lokuqala kulo nyaka olukhiqizwa iyona iPrimedia, iMasterChef South Africa isizini yayo yesithupha kulindeleke ukuthi iqale ngoFebhuwari 22 kwi-e.tv ngo-6 ntambama.