AMAWELE adume ngamaNdenza Twins ezinkundleni zokuxhumana oThandeka noThandiwe Ndenza, azokwenza umcimbi wamawele wodwa ozoba seThekwini ngenyanga ezayo
Image: SITHUNYELWE
ABAZALWE bengamawele bazothola ingqayizivele yethuba lokuhlangana kucetshiswane ngobumqoka bokuzwana, ukubambisana ezintweni abazenzayo empilweni nokwesekana emaphusheni nasemakhonweni abo ehlukene.
Lokho kuzokwenzeka emcimbini wabantu abangamawele kuphela i-Twination Gathering, ozoba seThekwini (endaweni esazomenyezelwa), ngoFebhuwari 14, okuwusuku olwaziwa ngokuthi yi-Valentine’s Day, onhloso yalo wukukhombisana uthando.
Omunye wabasunguli balo mcimbi, ozobe uqala ukwenziwa kulo nyaka, uThandeka Ndenza, owaziwa ngeleNdenza Twins ngamavidiyo awenza ezinkundleni zokuxhumana newele lakhe uThandiwe - uthe lo mcimbi uyindlela yabo yokuzama ukuqinisa ubudlelwano ebantwini abangamawele njengabo ukusiza ukuthi bazwane futhi basekane empilweni.
AMAWELE aziwa ngamaNdenza Twins ezinkundleni zokuxhumana oThandeka noThandiwe Ndenza, bazokwenza umcimbi wamaweele wodwa ozoba seThekwini ngenyanga ezayo
Image: SITHUNYELWE
La mawele adabuka eMnamfu, eMthwalume, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal - kanti awaconsi phansi ebantwini ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yamavidiyo avame ukuwafaka khona ekhombisa okwenzeka empilweni yawo yansuku zonke, futhi ekhuthaza abantu ukuthi bazwane futhi bathandane njengoba nabo benza emphakathini.
UThandeka unabalandeli abangaphezu kuka-337 000 kuFacebook nabangaphezu kuka-150 000 kuTikTok, bese uThandiwe eba nabangaphezu kuka-153 000 kuFacebook nabangaphezu kuka-327 000 kuTikTok; kanti amavidiyo abo kuTikTok asethandwe izikhawu ezingaphezu kuka-5 million uma uhlanganisa amakhasi abo bobabili.
AMAWELE adume ngamaNdenza Twins ezinkundleni zokuxhumana oThandeka noThandiwe Ndenza, azokwenza umcimbi wamaweele wodwa ozoba seThekwini ngenyanga ezayo
Image: SITHUNYELWE
“Sibheke ukuhlanganisa abantu abangamawele njengathi abangaphezu kuka-200 emcimbini, ukuzohlangana nje kube nezingxoxo eziphusile zokuthi singenza kanjani ukwesekana nokuthi siye phambili empilweni, bese siqinisa ubudlelwano bokuzwana phakathi ngenxa yokuthi siyazi ukuthi abantu abaningi abangamawele abazwani njengathi” kusho uThandeka.
La mawele aseke asebenza kuMkhokha: The Curse, enza imisebenzi ye-makeup ne-wardrobe; alingisa kafishane futhi kwi-My Brother's Keeper.
UThandeka uthe wethemba ukuthi umbono wabo uzoza nomehluko obonakalayo emphakathini, futhi ube wusizo kwamanye amawele ukuze azwane, esekane aphumelele ndawonye ezintweni ezahlukene azenzayo empilweni njengoba nabo benza ngempilo yabo.