UMSAKAZI weGagasi FM, uFelix Hlophe, okade eyolobola unkosikazi wakhe wesibili
Image: SIGCINIWE
KUGCINE kulungile kumsakazi weGagasi FM, uFelix Hlophe, lokuthatha isithembu.
Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibili, unkosikazi wakhe wesibili akade eyomlobola, u-Ayanda Bhengu, efake i-video ekhombisa okade kwenzeka ngosuku lomcimbi.
Isolezwe lithole ukuthi uFelix - osakaza uhlelo olubizwa ngeThe Uprising noMinnie Ntuli - uzishaye zonke zaphelela kwashoda usuku lomshado ngeSonto.
U-AYANDA Bhengu ozoba unkosikazi wesibili womsakazi weGagasi FM, uFelix Hlophe
Image: Instagram
"Angazi noma kukhona yena azokufaka ezinkundleni zokuxhumana kodwa ekugcineni useze wamlobola, kuzolandela umembeso nomshado. Bekungelula bahlukane, bayathandana futhi uFelix uyayithanda ngempela into yesithembu, ikuye. Kodwa u-Ayanda ujabule kungakho yena efake konke ezinkundleni zokuxhumana," kusho umthombo.
Amahebezi okuthi uFelix angase abe namakhosikazi amabili aqale ukugqama ngonyaka odlule, kuvela obala izindaba zokuthi usebudlelwaneni nalona wesifazane.
UFelix waqale waphika ukuthi uzothatha isithembu kodwa kwagcina kuvelile ohlelweni iLife With Felix Hlophe olwalugqamisa impilo yakhe ukuthi kade ayethembisa u-Ayanda umshado.
Kulolu hlelo kula kwahlala khona obala ukuthi isimo asisihle kulaba besifazane asebudlelwaneni bezothando nabo.
UTracy unkosikazi omdala kaFelix wayekhala ngokuthi u-Ayanda kukhona izinto azikhuluma ezingehli kahle kuye, okukhona kuzo ezithinta izingane uFelix anazo noTracy.
Akugcini lapho, nomndeni ka-Ayanda waveza ukungajabuli ngoFelix, njengoba waveza ukuthi sesiside isikhathi ayethembisa ukuthi uzoza azolobola indodakazi yabo kodwa kungenzeki.
Kulolu hlelo, uFelix kwakucacela noma ubani ukuthi isifiso sakhe ukuthi laba besifazane bobabili babe sempilweni yakhe.
Wayezama ngayo yonke indlela ukuthi laba besifazane babe nobudlelwano obuhle, njengoba wayeveza ukuthi uyabathanda bobabili kodwa kucaca ukuthi uTracy akayizwa eyokuthi umyeni wakhe aphinde ashade.
Ngasekupheleni kwalolu hlelo kwakungathi ubudlelwano balaba buyaphela, ngenxa yezinkinga ababenazo.