Ezokungcebeleka

Bazogqamisa impilo yasemakhaya kwiTV abesifazane abadla elikapondo

Nokubongwa Phenyane|Published

Abesifazane abane abazobonakala ohlelweni olusha kuMzansi Wethu oluthi The Real City Makoti

Image: Sithunyelwe

LUTHATHE elinye igxathu uhlelo olukhombisa abesifazane abahlala emadolobheni amakhulu abagqamisa impilo yabo ephezulu kwithelevishini njengoba manje kuzoqala olunye lona oluzogxila kwabesifazane abahlala emakhaya.

Uhlelo iThe Real City Makoti, kulindeleke ukuthi lugqamise impilo yabesifazane abane abasemikhakheni ehlukene, kodwa abaphila impilo ephezulu, yize besemakhaya.

Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa ngoJanuwari 30, ngo-6.30 kuMzansi Wethu (163).

Kwabesifazane abazobonakala kubalwa uLinda Mbunyuza ongowesifazane othanda amasiko nowagcinayo kodwa futhi oneso ezintweni eziphezulu zesimanje.

U-Anika Dambuza ozobonakala egqamisa ulwimi lwesiXhosa nesiko akhulele kulo njengoba ezalwa emdenini okhuluma isibhunu, uSessy Mofokeng ogane esithenjini nozobonakala efuna ukufeza amaphupho akhe.

UKeneilwe Mpolokeng Mbobosi yena uyisangoma, futhi ungunkosikazi omdala kumyeni wakhe nokuzogqama isifiso sakhe sokuba umama ohlelweni.

UShirley Adonisi obhekelele izinhlelo zakuleli kwaM-Net uveze ukuthi laba besifazane baphila impilo ezodonsa amehlo abaningi kulolu hlelo, nengakaze ibonakale ngaphambilini.

"Kukhona izinhlelo esinazo manje nesezithe chithi saka, olunye lwazo iThe Real Housewives of Durban. Kuzoba kubonakala abesifazane basemadolobheni beveza impilo yabo ephezulu abayiphilayo. Kungakho sikhethe ukuthi kesithathe elinye igxathu sishintshe siye kwabasemakhaya abaphila emadolobheni amancane kodwa nabo abaphila kahle sibahlanganise baveze izimpilo zabo," kusho uShirley.

Uthe okuzobahlanganisa amasiko abaphila ngaphansi kwawo nezinkolelo zabo okuyizona ezizobenza babe nokungaboni ngaso linye.

"Amasiko angafani abakholelwa kuwona iwona azobenza babe nokungaboni ngaso linye uma sebehlangana, kodwa siyajabula ukuba nohlelo olufana nalolu oluzoke luphume luveze olunye uhlangothi lwempilo ikakhulukazi yasemakhaya. Uhlelo lolu abantu esishoyo ukuthi bangalinge baphuthwe ilona ngoba luzobashiya bebambe ongezansi," kuchaza uShirley.

Khonamanjalo, kusona lesi siteshi kusuka ngoJanuwari 27 ngo-7 ebusuku, kuzoqala ukukhonjiswa kohlelo iSpinza Aside, kulo okuzogqama abantu abathandanayo abafuna usizo lokuthi bayeke uphuzo oludakayo, nokuyinto abazinikele kuyo futhi ababona imise impilo yabo.