Ezokungcebeleka

UDJ Tira uyaveva ngesenzo sikaMasipala weTheku

Fanelesibonge Bengu|Published

UDJ Tira ukhala ngokuzitshwa wuMasipala weTheku ngesikhalo sabo njengabahleli bemicimbi ukuthi mayingavalwa ngo-12 ebusuku

Image: Sigciniwe

UDJ Tira uthi ukufela ngaphakathi ngeke kumsize ngoba uMasipala weTheku "ubulala iFact Durban Rocks" ngokuqinisa isandla ngokuvala imicimbi ngo-12 ebusuku.

UTira ungomunye wabahleli bemicimbi abathi bahambisa uhlu lwezikhalo zabo kuMasipala weTheku befuna ubuyekeze isinqumo sokuthi imicimbi yobumnandi mayingavalwa ngo-12 ebusuku.

Uthe kuze kube yimanje abakaze bathole mpendulo wakhala ngokuthi isikhathi siyahamba nezinsuku zemicimbi ziyasondela.

"Uma ubheka kusele uLwesihlanu kuphela njengosuku lokusebenza ngoba kuyiwa emaholidini. Kunezivumelwano esizilindile kumasipala kodwa namanje kusathulekile," kusho uTira.

Uthe uphiko lwezokuvakasha kumasipala luyabeseka kodwa abaholi bomkhandlu abagudluki esinqumeni sabo.

"Kunokungathathelwa phezulu. Ngiyabona ukuthi angikwazi ukufela ngaphakathi. Uma sikhumbula yimina owokuqala ukwenza imicimbi ePeople's Park eMoses Mabhida Stadium. Yimina owenza iMabhida yaduma ekusingatheni imicimbi kuyona ngimema abantu ukuthi mabeze eThekwini. Besihlale simemeza sithi uma ufuna ukujaiva woza eThekwini. Sinenkinga kodwa umasipala uthule. Kusho ukuthi bayawubulala umcimbi," kusho uTira.

Lo DJ, obekuzwakala ukuthi unengekile, uqhube wathi abazi ukuthi kujike kuphi ngoba phambilini imicimbi ibivalwa ngo-6 ekuseni kungabi nankinga. Uthe akaqondi ukuthi kungani benganikezwa izimvume.

"Kusho ukuthi iFact kumele ishintshe ibe yi-picnic? Umcimbi uqala ngo-5 ntambama nokusinikeza isikhathi esincane sokusebenza uma uzoyivala njengoba benza ngoJulayi. Ngingabayisa ngisho enkantolo ngiwine ngoba angazi ukuthi amaphoyisa kamasipala angenaphi. Ayengenayo imvume yokungivala ngoba kwakumele kube amaphoyisa eSAPS. Amaphoyisa kamasipala anenkingani kangaka nomcimbi? Wumcimbi wekhethelo lo wokuhlukanisa unyaka. Kumele sibale singene onyakeni omusha ngo-12 ebusuku bese siyavala?"

Uthe ngabe kungcono ukuba umasipala uyabaphendula njengabahleli bemicimbi kunokuthi uthule ngoba isikhathi siyahamba.

Uthe okungenani abavunyelwe ukuthi kuvalwe ngo-4 ekuseni ngoba kusehlobo kusuke sekuqala ukukhanya.

"Uma sithi abantu mabeze eThekwini sithi beze kuyiphi imicimbi ngoba kuvalwa ngo-12? Asazi ukuthi sizothini ebantwini. Kunabantu abahamba ngezithuthi zomphakathi abangazi ukuthi  bazozithathaphi ngo-12 ebusuku. Kusho ukuthi sibakhiphela edolobheni bahluphe bagcwale khona nokuphepha kwabo kuzobe kusezandleni zamaphoyisa," kusho uTira.

Okhulumela uMasipala weTheku, uGugu Sisilana, uthe bayazi ukuthi phambilini abahleli bemicimbi eyenzeka ezindaweni ezahlukene bebethumela izicelo zokuthi iqhubeke ngale kwezikhathi ezigunyazwe umthetho wedolobha ukuthi kube nomsindo.

"Lezi zicelo bezibuyekezwa ngaphakathi futhi uma kufanele bezivunywa noma zichithwe. Kubanjwe imihlangano neminyango ehlukene yedolobha base beyaziswa ukuthi lo mkhuba ngeke usenzeka kubahleli bemicimbi," kusho uSisilana.

Uthe imicimbi kumele ihloniphe imithetho yedolobha ethi akekho ovumeleke ukuphazamisa ukuthula komunye phakathi kuka-9.30 ebusuku kuya ku-7 ekuseni ngeSonto kuya kuLwesine. NgoLwesihlanu nangoMgqibelo akuvumelekile phakathi kuka-12 ebusuku no-8 ekuseni.