Uyaqhubeka umbukiso wamalambu iTrail of Lights eBotanic Gardens eThekwini
Image: Sithunyelwe
LIKHULU isasasa ngombukiso wamalambu iTrail of Lights eqhubeka eBotanic Gardens, eThekwin, kuze kube yisekuqaleni kuka-2026 njengoba abantu bewuthamela ngobuningi babo.
Lo mbukiso osuneminyaka eyisishiyagalolunye ukhona, uvulwe phakathi kukaDisemba 5 nomhla ka 7. Umlenze wesibili uvulwe ngomhla ka 10 futhi uyoze uphele ngoDisemba 24. Olandelayo uphakathi kukaDisemba 26 nomhla ka 30 kuthi owokugcina ube ngoJanuwari 1 kuya kuJanuwari 3.
I-Botanic Gardens iphenduka ubukhazikhazi ebusuku ngamalambu okuhlotshiswa ngawo izihlahla.
Ngale kokuhlobisa izihlahla, amalambu aphinde asetshenziselwe ukwenza imifanekiso ehlukene ehambisana noKhisimusi.
NgoLwesibili ebusuku abantu bebephume ngobuningi babo kungekho nendawo yokupaka nokuhlala ngaphakathi.
Ngaphakathi kunezindawo ezidayisa ukudla, ezokudlala izingane nesiteji lapho kunandisa khona abaculi.
ITrail of Lights iphinde yeseke nezinhlangano ezahlukene ezingenzi inzuzo.
Amathikithi okuthamela atholakala eWebtickets, Pick n Pay naseBoxer ngemali eqala ku-R85. Esangweni abiza u-R120, uma kungagcwele.
Ukuzibeka ethubeni lokuwina amathikithi thumela igama elithi ISOLIGHTS ku-33258. I-SMS ibiza R1.50 ngayinye. Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umcintiswano uzovalwa kusasa ngo-8 ekuseni.
Related Topics: