UNKESHEMBA oshisa izikhotha ngomucu othi Ngixolele Mtanami
Image: FACEBOOK
UWANDILE "Nkeshemba" Mkhize, oqophe umlando ngokuba wumculi kamaskandi obhekwe kakhulu kuGoogle ngo-2025, ubhoboka ngengcindezi efike nempumelelo asheshe ayithola emculweni.
Lo mculi (21) waseHarding uvumbuke kulo nyaka ngomucu oshisa izikhotha othi Ngixolele Mtanami. KwiYouTube le ngoma idlalwe amahlandla angaphezu kuka-7.8 million ezinyangeni ezintathu.
INgixolele Mtanami esiyenziwe kabusha, lapho epike kuyo uNsungensunge, idlalwe amahlandla angaphezulu kuka-524 000 ezinsukwini ezingu-10.
Ngokwezibalo zakwaGoogle, uNkeshemba ube wumculi wesihlanu ukubhekwa kakhulu nonyaka.
Ulandela uScotts Maphuma osesicongweni, endaweni yesibili nguWinnie Khumalo oshone ngoJanuwari, kweyesithathu nguNaledi Aphiwe bese kuba wu-eMtee.
Yize ethe lokhu kuyamjabulisa kodwa uvume ukuthi kumfakela ingcindezi kwazise abantu sebebheke lukhulu kuye.
"Inkulu ingcindezi kona ngeke ngiqambe amanga ngoba kufanele ukuthi izinga engiqale ngalo kulo nyaka likhuphuke ngonyaka ozayo. Nabantu balindele lokho kodwa ngesiphiwo sami engisiphiwe uMdali ngiyazi ukuthi ngisazobajabulisa abantu nengoba kwenzekile kulo nyaka," kusho uNkeshemba.
Uthe umatasa e-studio upheka i-EP azoyikhipha uma kuqala unyaka ozayo.
Uveze ubuhlungu bokuthi umucu ungaqokwa emncintiswaneni wengoma ehlukanisa unyaka kuKhozi FM.
"Kwangiphatha kabuhlungu futhi kwangishiya nginemibuzo eminingi nodweshu lwangaphakathi engingenazimpendulo zayo. Ngoba ngiyazi ukuthi la ngikhona namhlanje kungenxa yoMdali namathonga, ngaguqa ngathandaza ngathi: 'Nkosi, konke okwenzekayo kuyicebo lakho nalokhu okwamanje ngicela ukudlula kukona ngiqhubeke ngijabulise isizwe njengoba ungiphe lesi siphiwo esithandwa ngabantu kanjena."
Uthe usedlulile kulobo buhlungu futhi yena usebheke ukuqhubeka nokujabulisa abalandeli bakhe. Uthe uhalalisela ozakwabo abaqokiwe futhi ubafisela inhlanhla njengoba kuyisikhathi sabo.