Ezokungcebeleka

Umbhali wezincwadi necwecwe elineka imizwa yothando yabesifazane

Simangaliso Ntshangase|Published

UMBHALI wezincwadi, uSindiswa Zulu, ukhiphe icwecwe lezinkondlo zothando

Image: SITHUNYELWE

UMBHALI wezincwadi zesiZulu futhi oyimbongi nomhleli wemicimbi yobuciko, uSindiswa Zulu, usedalule ukuthi konke sekumi ngomumo ngecwecwe lakhe lokuqala lezinkondlo zothando ezixutshwe nezinsimbi zomculo, onhloso yalo wukweneka nokulandisa ngobunjalo bemizwa yabesifazane yothando.

USindiswa (33) waseThekwini, usho njalo engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto ngaleli cwecwe lakhe elifishane pheceleli i-extended play esihloko sithi Ubuze, eligabe ngezinkondlo eziyisikhombisa ezixoxa indaba yothando, nelizotholakala ezitolo ezahlukene zomculo ze-internet kuyo le nyanga. 

"Kwakuvele kuyisifiso sami ukuthi ngisebenzise izindlela ezahlukene zokusabalalisa umsebenzi wami wobuciko kodwa kuwukuthi bengingajahile ukuthi kwenzeke. Bengifuna ukuthi uma sengikwenza kube wukuthi sengifike kuleso sigaba ngayo yonke indlela njengoba manje ngibona sekuyisikhathi esihle sokwenza njalo. Enye futhi into eyenza ngiqale ngizinike isikhathi andukuba ngikhiphe umsebenzi othile wobucuko, wukuthi ngisuke ngifuna ukuthi kube nendikimba noma ingqikithi ethile engigxila kuyona," kusho yena.

UMBHALI wezincwadi, uSindiswa Zulu, ukhiphe icwecwe lezinkondlo zothando

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthembise ukuthi abantu abazolalela lo msebenzi bazokuqonda kunjengoba kunjalo ukuthi abantu besifazane bacabanga futhi balubuka kanjani uthando. Kuzohlaluka kunjengoba kunjalo ukuthi yiziphi izinto ezibajabulisayo nezibanengayo kwezothando.

"Kulo msebenzi ngididiyele izinkondlo zami ebengilokhu ngizibhala kuyo yonke le minyaka engaphezu kwa-10 ngisendimeni yezobuciko, njengoba kukhona ngisho nengangizihaya ngabo-2014, ngisanda kufika kule ndima, nezinye ebengilokhu ngizibhala bese ngiyazibeka, nalezo ezimbalwa futhi ebengike ngizihaye emicimbini ethile yobuciko," usho kanje.

Kuleli cwecwe uSindiswa usebenze nabaculi oMandisa Cebekhulu kwethi Eweni, noZawadi Yamungu ampike kwethi Ngiyaminza; bese kuba wuMalinkandi ophrojuse lo msbebenzi.

Ngale kwalokhu, uSindiswa unezincwadi ezimbili zezinkondlo ezithi Mayine yango-2018 nethi Ngizibuka Kuwe yango-2023. Usehlele imicimbi eyahlukene yobuciko esingabala kuyona i-The Past Meets The Future With Zawadi Yamungu, Unomkhubulwane One Woman Poetry Show, EsikaNandi Poetry Show noweshashalazi othi One The Other Side

UMBHALI wezincwadi uSindiswa Zulu ukhiphe icwecwe lezinkondlo zothando

Image: SITHUNYELWE