OWAYENGUMLINGISI weSibaya, uGcina Mkhize, ukhala ngokubhedelwa yizinto ngoba kungalungile emsamo
Image: Sigciniwe
USIZI luzwa olunye kumlingisi ,uGcina Mkhize, olwa indaba yokuhlenga umuzi wakhe athi udliwe yibhange lawudayisa njengoba esephonse ithawula nasekulingiseni esephila ngokukhangeza.
UGcina (52), ogqame elingisa indawo kaJola emdlalweni iSibaya, ubekhuluma naleli phephandaba aze akhale izinyembezi ngesikhathi echaza ngobunzima abhekene nabo.
"Selokhu kwathula kwathi du kwezokulingisa. Ngezwa ngandlebenye kuthiwa uGcina akangaqashwa ngoba wagxoba abanye amakhona. Sengize ngakwamukela ukuthi ukulingisa sekungigabhile," kusho uGcina.
Ebuzwa ukuthi obani abanyathele amakhona, uthe akazi kodwa kusho ukuthi "ngabanikazi bemboni" osekuyibo asebemvalela amathuba.
"Ababheke ukuthi ngixolise bayolinda ingunaphakade. Angilona ipigogo futhi angiyena umuntu osokolisayo emsebenzini. Abasebenze nami bangangifakazela kodwa kuba khona izikhathi lapho engimela khona iqiniso lami ngendlela efanele. Le mboni iyabacasukela abazikhulumelayo. Kungenzeka ukuthi kukhona engakusho kwangahlala kahle kwabaphethe imboni kodwa ngeke ngixolise," usho kanje.
Uqhube wathi njengamanje useziphilisa ngamanye amathalente anawo njengokwenza imisebenzi yezandla nobucwebe yize kunzima.
"Ngithola namaphasela okudla noma kube khona ongifakela u-R20, omunye u-R50 kanjalo," kusho uGcina ohlala nezingane zakhe ezine.
Ezinsukwini ezedlule, ubhalele uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa incwadi ayifake ezinkundleni zokuxhumana.
Kuyona, unxuse ukuthi amsize ngokumxhumanisa noyise ongummeli ohlonishwayo.
"Sekuyiminyaka engaphezu kuka-20 ngagcina ukukhuluma nobaba futhi ngibhekene nesimo esibucayi esidinga yena nokwesekwa nguye. Nginecala lokuxoshwa endlini elizayo futhi ngaphandle kosizo lwezomthetho olusezingeni, mina nezingane zami sisengcupheni yokungabi nakhaya," kubhala uGcina.
Uthe uzamile ukuxhumana naye ngonkosikazi wakhe nangozakwabo kodwa akazitholi izinombolo zakhe. Uthe unethemba lokuthi uRamaphosa engamsiza ukumthola noma amluleke ngokuthi engasizakala kanjani.
Utshele Isolezwe ukuthi ubengakayitholi impendulo kuRamaphosa noma ihhovisi lakhe.
"Uyena muntu ophethe izwe. Uma abantu abaseduze nobaba ongizalayo sebehlulekile ngicabange ukuthi ngiye kumuntu oyinhloko ophethe izwe namhloniphayo," kusho uGcina.
Uthe abakaze babe nobudlelwano noyise futhi begcinana abakaze bexabane nokuyingakho engazi ukuthi yini eyenza engafuni ukuzihlanganisa naye.
Uveze ukuthi akakhuliswanga ngabazali bakhe ngoba unina wamthola emncane eneminyaka engu-17.
"Ngakhulela kwaMgilane kwaba abazali engithi mama nobaba kubo. Umama kwakumele ayofundela ukuba wumhlengikazi kwathi ikhehla elaliwumkhulu wakhe elizala unina lakhuluma nendodakazi yalo endala lathi thatha le ngane uyozikhulisela yona. Eyangithatha yayiganele kwaMgilane e-Eastern Cape ngathola khona imfudumalo bangikhulisa njengengane yabo bephahla nami ngikhona. Mina kodwa ngingowakwaMkhize. Ukhulu ozala umama akagananga naye. Ukhokho owayeganele kwaMkhize nogogo ozala umama akaganelanga kwaKhumalo lapho athola khona umama. Yingakho ngibiza uMkhize kodwa ngiyisende likaMajola."
Uthe okwenza afune kakhulu ukuxhumana noyise yingoba umsamo wakhe umapeketwane futhi abantu bahlale bemnika izeluleko ezahlukene ezigcina zingasebenzi.
Uveze ukuthi uke wazama ukuzilungisela kodwa izinto zaphambana kakhulu kunakuqala.
"Ngisesimweni esibucayi nesibuhlungu kakhulu. Ngihleli nento engingazi ngizoyenza njani. Singabantu kukhona indlela esiphila ngayo. Angiceli imali kodwa ngicela angilungisele umsamo. Kubuhlungu ukulokhu ufundekelwa ngabantu bethi uhlushwa yinto kababa wakho, abanye baqhamuke basho okunye. Bengingeke ngiyikhulume indaba yakhe esidlangalaleni ngoba kungathi ngizama ukumhlambalaza, ngathi ngilwa naye. Ngithule iminyaka engu-52 yonke. Ngicabanga ukuthi uma kulunge umsamo, nendaba yendlu izolunga."
Uthe umuzi wakhe wadliwa yibhange lawudayisa esidlangalaleni ngoba ehluleka wukukhokha. Njengamanje uhamba inkantolo, uzama ukuguqula lokho ngoba owawuthenga ufake isicelo sokuthi akhishwe.
Unxuse abameli abazomsiza bahhala ukuthi baxhumane naye ngoba akanalutho.