UMSUNGULI wamaSatma, uDumisani Goba, uveze ukuthi izinkinga zoxhaso yizona esezibenze bamisa ukumemezela abaqokwe kulo nyaka
Image: Sigciniwe
KUBAMBEZELEKE ukumenyezelwa kwabaqokwe kumaSouth African Traditional Music Awards (Satma) anonyaka. Lokhu kwakuvele ukuthi bekumele kwenzeke emcimbini ngenyanga edlule.
Abahleli balo mcimbi esitatimendeni abasikhiphile baveze ukuthi ukungafiki koxhaso yikhona okwenze bamisa yonke into.
Bathi isinqumo sokumisa izinhlelo zokulungiselela umcimbi basithathe emhlanganweni webhodi elihlela umcimbi obungesonto eledlule.
"Sibhekene nezinkinga ezihlukene ezithinta umcimbi walo nyaka okungoka-20, manje kumele ngabe sesimemezele ukuthi ngobani abaqokiwe kodwa ngeke kwenzeke lokho ngenxa yokuthi uxhaso lokuhlela izinto asilutholle. Asikwazi ukukwenza lokhu imali ingekho, sizoxhumana futhi simemezele ukuya phambili ukuthi usuku lokwenza lokhu luzoba nini, nesizobe sesimemezela nokuthi umcimbi uzoba ngaluphi usuku," kusho isitatimende.
Bathe kungokokuqala ukuthi kwenzeke lokhu selokhu baqala ukwenza lo mcimbi wezindondo.
"Isiphelile iminyaka engu-20 senza lo mcimbi futhi kuyaqala ukuthi sibhekane nezinqinamba ezifana nalezi. Njengoba kungekho nathi esingakwenza ukuqhubeka nezinhlelo konke kungaphezu kwamandla ethu. Siyanxusa ukuthi bonke abangenele bangadikibali njengoba sizozama ukwenza izinto ngohlelo," kuphetha isitatimende.
Kwenzeka lokhu nje, abahleli bomcimbi bese bekumemezele ukuthi kulo nyaka kuzobe kuqhakanjiswa ubuhle bezwekazi i-Afrika.
Ingqikithi yalo mcimbi kulo nyaka ithi "Celebrating Africa", ezobe ihambisana nemikhakha yesintu okuzoqokwa kuyo abantu abahlukene.
Related Topics: