Ezokungcebeleka

Abanqobi bacela ukunikelelwa ngemuva kokudunelwa itekisi

Nokubongwa Phenyane|Published

IQEMBU lomculo, Abanqobi, eseliphumele obala lanxusa ukuthi linikelelwe ukuze lithenge enye itekisi

Image: Facebook

SELIPHUMELE obala iqembu lomculo wokholo Abanqobi njengoba licela iminikelo ukuze likwazi ukuthenga enye ikhumbi elizoyisebenzisa uma liqashwa emicimbini ehlukene.

Lokhu kuvezwe ilungu elidala laleli qembu, uMandla Ntuli, elithe behlelwe ngisho umdlandla wokusebenza selokhu behlelwa ilesi sigameko.

Ngenyanga edlule, kwadunwa itekisi leqembu KwaNdengezi, nabalithola seliyigobongo eWyebank, ngasePinetown.

UMandla uthe babonile ukuthi akukho okumele bakwenze kodwa ukucela usizo emphakathini ukuze baqhubeke basebenze.

“Ukuthathwelwa itekisi ebesisebenza ngalo kusiphindisele emuva kakhulu njengeqembu. Okubuhlungu ukuthi ngisho seyitholakele, akukho esasingakwenza ngayo ngoba yayicwiyiwe kwathathwa zonke izinto. Siyazehlisa kuwona wonke umuntu ongakwazi ukufaka isandla ukuthi asisize nganoma umnikelo ongakanani ukuze sikwazi ukuphinde sikwazi ukuhambela izindawo ezihlukene, sinandise ngomculo wethu, siduduza ngawo kwabashonelwe okuyinto esaziwa ngayo,” kusho uMandla.

Uthe ukubuyelwa imoto ngeke kugcine nje ngokuthi kubasize ekutheni baphinde bathole ithuluzi lokusebenza kodwa kuzokwenza babuyelwe nayithemba nomdlandla wokuqhubeka basebenze.

“Njengeqembu ayikho into esizimisele ukuyenza ngaphandle komculo, umculo uyithemba lethu njengoba wenza sikwazi ukuqhela ezintweni eziningi. Siyabonga nakuwona wonke umuntu obeqhubeka nokuseseka selokhu sehlelwa ilesi sigameko, imithandayo yenu yenze okuningi,” kusho yena.

Uthe abafuna ukufaka isandla bayanxusa ukuthi babheke emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana njengoba imininingwane yonke beyifake khona.

Kwenzeka lokhu nje, leli qembu lisanda kushiywa emhlabeni amalungu alo amabili aqavile uSiyabonga Ndlovu noSbusiso Zulu, bobabili abaxinwa ukugula.