Ezokungcebeleka

Kutheleke izihlabani zaseMelika ukuzogubha uSuku lwabesiFazane

Nokubongwa Phenyane|Published

IZIHLABANI zaphesheya kwezilwandle ezweni laseMelika, uJoe Thomas no-Anthony Hamilton, abazonandisa emcimbini wabesifazane ozobanjelwa eGoli, kusasa

Image: Instagram

KULINDELEKE ukuthi lube umlando usuku lwanamuhla kubantu besifazane bakuleli njengoba izihlabani ezimbili zaseMelika, u-Anthony Hamilton noJoe Thomas, sebethelekile ukuzobajabulisa ngomculo wabo.

Abesifazane abaliqhamukisa kulona lonke leli bazobona lezi zihlabani bukhoma emcimbini iWomans Day, ezoba senkundleni yezemidlalo iThe DP World Wanderers, eSandton.

Ekhuluma ku-eNCA, u-Anthony, uveze ukuthi ukujabulele ukuphinde abuye kuleli kakhulu ukuzojabula nabantu besifazane bakuleli.

UMCULI waseMelika okuleli, u-Anthony Hamilton

Image: X

“Ngifuna bafike begqoke kahle, ngifuna sibe nesikhathi esimnandi. Siphila emhlabeni oholwa amadoda kakhulu kodwa engingakusho ukuthi abesifazane banegalelo elikhulu abalidlalayo. Ngisekhaya ngilana nje ngimele umndeni wami ngakho yonke injabulo engizoyithola ngifuna ukuthi ngiyithathe ngibuyele nayo eMelika,” kusho u-Anthony.

Uveze ukuthi akufisayo ukuthi abesifazane bahlonishwe ngayo yonke indlela kungakho ekhethe ukuthi azonandisa ngalolu suku.

Uthe akujabulele njengoba ekhona ukunikwa igama likaLehlohonolo azobizwa ngalo uma ekuleli nokungumlando kuye. 

Ekhasini lakhe ku-Instagram, uJoe umeme bonke abalandeli bakhe besifazane athe abaphelele kulo mcimbi njengoba efuna ukuzobajabulisa ngengoma.

“Ngifuna ukubona bonke abalandeli bami abazoba khona kule nkundla nesengikulinde ngabomvu ukuthi ngibajabulise ngengoma. Kuningi engizokumemezela nezinye futhi izinsuku engizophinde ngibuye ngazo,” kusho uJoe.

Uveze ukuthi uma esuka kuleli uzolibhekisa eZimbabwe la enomcimbi nakhona.

U-Anthony ukugcizelele ukuthi bazojabulisa izihlwele ngezingoma zakudala ezabenza baduma umhlaba wonke.  

Kubaculi bakuleli abazobe bephelezela lezi zihlabani kubalwa uZonke, Sjava noVusi Nova.

Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi amasango akhona avulwe ngo-12 emini.