UMinnie ufuna isinxephezelo ngenkulumo kaMacG ehlambalazayo
Image: Instagram
UMinnie Dlamini ufuna isinxephezelo sika-R2.5 million kumethuli wohlelo lwakwiYoutTube, MacG, ngenkulumo enenzondo, ukucwaswa nangokuhlukunyezwa ngenxa yobulili bakhe.
UMacG wasusa omkhulu umsindo ohlelweni iPodcast and Chill with MacG.
Ohlelweni lwakhe ezinyangeni ezedllule uMacG wayekhuluma ngoMinnie emncoma ngokuthi muhle wabuza ukuthi kungani ehluleka wukugcina abantu besilisa.
Babekhuluma emuva kwesitatimende esakhishwa owayeyisoka likaMinnie, uBrian Monaisa, owathi sebehlukene.
UMacG wajobelela ngokuthi mhlawumbe kukhona okungahambi kahle ngoMinnie.
“Mhlawumbe inanazi yakhe iyanuka,” kusho uMacG.
Le nkulumo ayehlanga kahle kwabaningi nokwaphoqa ukuthi uMacG axolise ohlelweni lwakhe.
Nokuyinto agcina eseyenzile, waxolisa kubo bonke abesifazane abangababukeli bohlelo lwakhe nabo bonke jikelele eNingizimu Afrika abangaphathekanga kahle ngokuphawula kwakhe.
“Kwakungeyona inhloso. Uyazi asisho izinto ngoba sifuna ukugxibha abantu. Ngithanda nokumema uMinnie Dlamini. Ngifuna ukummema ohlelweni, wamukelekile ukuza ohlelweni. Lento iqale ohlelweni, asiyiphethe khona. Kunezinto azisho nami kunengazisho. Asiyivale ingunaphakade,” kusho uMacG.
Kubonakala sengathi ukuxolisa kwakhe akusizanga ngathi njengoba intokazi yakwaDlamini isithathe yaveza ekufunayo njengesinhlephezelo sokugeza inhlamba kaMacG.