Ezokungcebeleka

Uqale namhlanje umphathi omusha oKhozini

Nokubongwa Phenyane|Published

ULangalethu Cele uqale namhlanje emsenzini wakhe omusha emsakazweni uKhozi FM

Image: Ukhozi FM

KULINDELEKE ukuthi aqale kusasa emsakazweni uKhozi FM, njengomphathi wezinhlelo uLangalethu Cele obengesinye sezikhulu emsakazweni osakaza ngesiNgisi ozinze eThekwini, i-East Coast Radio.

Isolezwe lithole ukuthi wuLangalethu unikwe lesi sikhundla ngemuva kokwenziwa kwenhlolokhono esikhaleni esashiywa wuPearl Maseko-Binqose.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi konke sekuphothuliwe ngale nsizwa kuzothi ezinyangeni ezizayo kumenyezelwe ozophatha emkhakheni wezokukhangisa kulesi siteshi.

“Useqashiwe umuntu ozovala isikhala esavuleka kushiya uPearl, unamava yena kulo mkhakha wokuphatha emsakazweni njengoba esuka kwi-East Coast. Uke wasebenza ngisho emsakazweni Igagasi FM noma ngingazi ukuthi ubephethe siphi isikhundla kodwa akayena umafikizolo. Siyathemba ukuthi bazomamukela ngezandla ezifudumele kulo msakazo basebenzisane naye kahle,” kusho umthombo.

UMandla Mdletshe uyena obebambile futhi kulesi sikhundla njengoba ubengaqali ukuthi abanjiswe kuso.

Nangesikhathi kushiya uZandile Tembe, uMandla wabanjiswa lesi sikhundla kwaze kwaqashwa uPearl ongahlalanga isikhathi eside kulo msakazo.

Kulo msakazo bekulindeleke ukuthi kuvalwe izikhundla ezihlukene eziphezulu njengoba kwasula esikhundleni owayengumphathi siteshi uSbongi Ngcobo.

ULwazi Mthabela uyena owangena esikhundleni sakhe.

Isolezwe libuye lathola ukuthi ohlelweni lwantambama phakathi nezinsuku iWoza Nabangani Bakho, olusakazwa wuTshatha okwamanje usazoqhubeka alubambe yedwa, ngemuva kokushiya kukaSelby Mkhize osesakaza kwiGagasi FM.