ULerato Kganyago
Image: Instagram
Umsakazi noDJ uLerato Kganyago usephumele obala ngesimo esishaqisayo ababhekene naso, eveza ukuthi ubelandelwa yiqulu lezigilamkhuba okusolakala ukuthi zimataniswa namaphoyisa.
Ebhala ku-Instagram, uLerato uveze ukuthi usanda kucupha umgoga esitolo sokudla futhi wakwazi ukuthatha izithombe zabantu abebeqaphe umnyakazo wakhe.
"Ngibeke ugibe ngobuhlakani futhi ngakwazi ukubamba abanye abantu abebengilandela. Lokhu kwenzeke endaweni yokudlela. Nginezithombe zazo zonke lezi gilamkhuba futhi Ezinye zazo ngamalungu amaphoyisa," kubhala yena.
ULerato uthe ubikelwe abantu endaweni yokudlela ababone iqulu elisolisayo libuza ukuthi ukuphi okuhlanganisa nokuthi uhlezi kuphi nokuthi ufike ngasiphi isikhathi.
"Ngeshwa labo, ngabathatha ngamunye wabo ngesikhathi engena emnyango, lapho ayehlezi khona, nalapho bonke beqala ukunyakaza njengoba ngiphuma."
ULerato udalule ukuthi abanye balaba bebehamba namaphoyisa abegqoke umfaniswano. Nginaso isithombe somunye umnumzane obunaye kanye nephoyisa elalimi eduze kwakho endaweni yokupaka izimoto,” kusho yena.
Ukuze aphephe, usabalalise zonke izithombe zabasolwa kubantu asondelene nabo, njengesinyathelo sokuqala sokuzivikela uma kukhona okumehlelayo.
Naphezu kwalesi sehlo, uLerato uqinisekise abalandeli bakhe ukuthi uphephile ekhaya futhi uyenqaba ukuhlala ngokwesaba.