UMinnie Ntuli obonakale ku-video egxibha uLondie London
Image: X
Umsakazi weGagasi FM uMinnie Ntuli usekhethe ukuma emsakazweni njengoba esematheni ‘ngobubhoklolo’ nangokuhlokoloza uLondie London ngomunwe ebusweni ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD) nokuyinto ecasule abaningi.
Lokhu kusuka i-video yesigameko abanye babhalele iGagasi ukuthi axoshwe. Esitatimendeni uMinnie ongena ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto noFelix Hlophe uthe uyaxolisa kwanabo ohlelweni.
Uthe ubathintile ngasese ukuxolisa futhi uzimisele nangokukhukuma nabo ubuso nobuso. Uqhube wathi yize umsebenzi wakhe kwiRHOD ungahlangene noweGagasi kodwa yena nesiteshi bavumelene ngokuthi amukele imiphumela yezenzo zakhe.
“Lesi sigaba singenze ngabona umphumela wokuziphatha kabi. Ngiphoxe umndeni wami, abangani, engisebenza nabo, okubalulekile, abalaleli abathembekile abavula uhlelo lwami zonke izinsuku,” kusho uMinnie.
Uthe uzohlaba ikhefu eyofuna usizo longoti.
Osaziwayo abaningi banikele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukuhamba kwabo ngokwenziwe uMinnie abanye bancoma indlela uLondie London abehlise ngayo ehlaselwa yilo msakazi.
ULerato Kganyago uncome uLondie London ngokuzehlisa ehlaselwa
Image: Instagram
USithelo Shozi ukhale ngeGagasi FM elizithele ngabandayo ngalolu daba
Image: Instagram