Ezokungcebeleka

Ithinte abaningi eyamafa emcimbini weNtandokazi

Nokubongwa Phenyane|Published

UMMELI eNksz Wendy Cele ovuse imibuzo eminingi kwabesifazane akade behambele umcimbi weSolezwe Intandokazi Women’s Club ebiseThekwini eCoastlands eMusgrave, ngoMgqibelo IZITHOMBE: SIBONELO Ngcobo/ Independent Media

KUCACELE nengane encane ukuthi abesifazane abaningi babhekene nezinkinga uma kuziwa ezindabeni zomthetho ezithinta isehlukaniso somshado namafa.

Lokhu kugqame emcimbini walo nyaka weSolezwe Intandokazi Women’s Club, obuseCoastlands eMusgrave, eThekwini, ngoMgqibelo.

UMPHEKI uZanele Van Zyle ehalalisela omama abazitholele izipho zakwaSpekko emcimbini weSolezwe Intandokazi

Kwabakade beyizikhulumi kubalwa umlingisi u-Ayanda uMaNgubane Borotho obeyisikhulumi sosuku, uZanele Van Zyl obebheke ezokupheka, uNksz Futhi Mkhize okhulume ngezempilo, uNkk Thandeka Malinga ongumhlobisi wasezindlini noNksz Wendy Cele ongummeli.

UNKK Thandeka Malinga onenkampani yokuhlobisa i-Defyn Dezign

UWendy uyena obhekane nemibuzo eminingi ebiphuma kwabesifazane akade bekhona.

Ukuthinta kwakhe udaba lokuhlukanisa amafa phakathi kwabantu abashadile uma sebehlukana noma beshona nodaba lwesithembu yikhona okuthinte abaningi.

Imibuzo eminingi abesifazane akade befuna ukuyazi ukuthi kwenzekani emafeni abo uma sekuhlukenwe?

UGILE izimanga u-Ayanda Ntanzi enandisa ngezingoma zakhe ezihlukene emcimbini Intandokazi

UWendy ubatshele ukuthi kumele babheke imishado abakuyo kodwa okumele bakwazi ukuthi iningi labo lisemishadweni ehlanganisa amafa.

“Umthetho mude kakhulu. Imibuzo eminingi ithinta imishado nokuyinto esihlanganisa kakhulu isithembu. Ngakho ngiyaninxusa ukuthi nixhumane nathi ukuze sibheke ukuthi uma nidlula emhlabeni amafa enu ayowela kobani,” kuchaza uWendy.

U-AYANDA MaNgubane Borotho ekhuluma ngokukhulisa izingane zamantombazane ukuze nazo zibe ngabaholi kusasa emcimbini weNtandokazi obungoMgqibelo, eCoastlands eMusgrave

U-Ayanda ungene esiteji esegula esehlatshwa isibhobo njengoba ekhale ngokuthi naye uWendy umthinte kakhulu enkulumweni yakhe.

“Igama lami u-Ayanda Ngubane bengishadele kwaBorotho. Ngingena la esiteji nje sengiyagula. Ngiyezwa bantu besifazane kuningi enikuthwele. Kodwa namhlanje ake sizotshelana iqiniso elibuhlungu. Ngiyanikhuthaza ukuthi sikhulise izingane zamantombazane ngoba ekugcineni yizona ezibheka konke esinakho ngendlela. Ake siyeke ukuba nomqondo wokuthi konke kuyokwenziwa kahle abantu besilisa. Ngiyanxusa ukuthi singawujahi umshado, wena ongakangeni kuwo hlala kanjalo, yekani bantu besifazane ukuba nengcindezi yokufaka ucu lweringi yomshado, akukho lutho lapha,” kusho u-Ayanda.

UZanele ukhuthaze abesifazane ukuthi bajwayele ukupheka ukudla abangakhulanga ngakho, bayeke umqondo wokuthi kuyadura (kuyabiza).

Uthe isidlo esifana neSushi ngesinye abangasithanda njengoba sishesha uma usenza futhi sinomsoco.

UNKSZ Futhi Mkhize ekhuluma ngezempilo njengoba enxuse abesifazane ukuthi bajwayele ukusebenzisa izihlahla zemvelo ukuzelapha ezifweni ezithe chithi saka

UFuthi unxuse abesifazane ukuthi basukume bazinakekele ezifweni ezihlukene futhi bajwayele ukusebenzisa amakhambi esintu njengoba esebenza kahle.

UThandeka ugcizelele ukuthi umuzi omuhle uyakwenza ube nokuthula emoyeni.

Uthe abesifazane abajwayele ukuhlobisa imizi yabo ngemibala emihle egqamile futhi bathenge nefenisha yesimanje.

UMSAKAZI woKhozi FM, uSelbyonce Mkhize, obephethe uhlelo

Umhleli weSolezwe Langempelasonto, uMnuz Zwelakhe Ngcobo, ubonge abesifazane abalokhu bewuxhase njalo umcimbi weSolezwe kusuka waqala.

Kulo mcimbi uhlelo beluphethwe umsakazi woKhozi FM, uSelbeyonce Mkhize.

U-Ayanda Ntanzi wenze into yamehlo ejabulisa izihambeli zomcimbi ngezingoma zakhe ezihlukene.

Umcimbi ube usuvalwa uDJ Queen.