Ezokungcebeleka

Ubonga uNkulunkulu ngokudala amathuba omsebenzi

Published

UMANDLA N

NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko?

MN: Mina mfowethu ayikho into engiyazisa njengomkhuleko empilweni yami. Angilindi ukuthi ngize ngingene egumbini ngikhuleke kodwa ngikhuleka nangenhliziyo uma ngihamba noma uma ngisemotweni.

NC: Ngabe yiliphi ivesi elilotshwe embhalweni oNgcwele ongathi liyakubusisa kakhulu kweyakho impilo futhi lisho ukuthini kuwena?

MN: Ivesi engilithandayo kakhulu eBhayibhelini yileli elikhuluma ngokuthi uNkulunkulu uluthando. Lokhu ngempela ngikubonile kweyami impilo ukuthi uNkulunkulu uluthando ngaso sonke isikhathi.

NC: Ngabe yini le eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo eminyakeni emihlanu ezayo futhi leyonto isho ukuthini kweyakho impilo?

MN: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu abe kanye nami njengoba ngihlela ukuthi ngisungule isikole sami esizocija kakhulu abantu abasha abanentshisekelo yokuthi baqhubeke nezifundo zabo zokulingisa. UNkulunkulu emuhle ngiyazi ukuthi nakanjani le nto izophumelela.

NC: Ngabe sikhona isimo esinzima owake wabhekana naso empilweni yakho, uma sikhona kwakukade kwenzenjani?

MN: Ukudlula kwabazali bami emhlabeni bobabili, ubaba nomama yinto eyaba nzima kakhulu. Kodwa engikuthandayo ukuthi njalo uma ngizizwa ngidinga amandla ngiyaya emathuneni abo ngifike ngicele kubona.

NC: Ngabe likhona kodwa ibandla okhonza kulona futhi sekusenikhathi esingakanani ukhonza kulona?

MN: Ngijwayele ukuthatha abantwana bami siye ebandleni lamaKhatholika. Kodwa likhona futhi elinye ibandla eliholwa umngani wami engiye ngivakashe nakulona.

NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elijulile ngabe yiziphi izinto ezimbili osuzizuzile ezidala ukuthi umbonge ungaphezi uNkulunkulu ngazo?

MN: Okokuqala ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngamandla anginikeze wona wokuthi ngikwazi ukudala amathuba omsebenzi kubantu abaningi. Okwesibili ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi angibusise ngesipho sokukwazi ukuziphilisa ngomqondo wami.