Ezokungcebeleka

Amaphoyisa athungatha ababulale uDJ

Fanelesibonge Bengu|Published

AMAPHOYISA aseGauteng aseqale ukuthungatha abasolwa abadubule babulala umfowabo omncane kaPro Kid, uSandile “DJ Citi Lyts” Mkhize, eSoweto, entathakusa izolo.

UCiti Lyts obengumdidiyeli noDJ uzakhele udumo ngezingoma zakhe azenze esaqopha enkampanini i-Ambitiouz Entertainment.

Phakathi kwazo kubalwa iWasha apike kuyo u-Emtee, B3nchMarQ noFifi Cooper, Vura apike kuyo uSjava noSaudi, Shishiliza ayenze noKraizie noSjava nezinye.

Umfowabo uLinda “Pro” Mkhize udlule emhlabeni ngo-2018 emuva kokugula.

Izolo, ezinkundleni zokuxhumana kuvele imibiko eshayisanayo eminye ithi ubedunwa imoto, eminye ithi ubebanjwa inkunzi evala endaweni yakhe yobumnandi kuVilakazi Street.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLieutenant Colonel Mavela Masondo, uthe baqale uphenyo emuva kokuthi umculi edutshulwe wabulawa eseDube, eSoweto.

“Amaphoyisa abizwe endaweni yesigameko eDube ngabo-2 entathakusa afike azithela phezu kwesidumbu sendoda eneminyaka engu-32 sinamanxeba okudutshulwa kwesingenhla. Abezimo eziphuthumayo baqinisekisile ukuthi akasekho,” kusho uMasondo.

Uthe bathole umbiko wokuthi ubemi emgwaqweni nabangani ngesikhathi bedutshulwa abasolwa abebehamba ngeVW Polo. Uthe akuqinisekisiwe ukuthi abasolwa bangaki.

“Inhloso yokudutshulwa ayikaziwa okwamanje futhi amaphoyisa athungatha abasolwa. Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni noma asize ekutheni kuboshwe abasolwa ukuthi afonele isiteshi samaphoyisa esiseduze naye noma ashayele ku-08600 10111.”

Ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi bazwakalise ukuphatheka kabi kwabo ngalokhu.

URiky Rick uthe: “Umfowethu uCiti Lyts usehambe unomphelo.”

Umculi uDonald uthe kubuhlungu kakhulu futhi sebeyobonana kwelizayo.

“Sengithole izindaba ezishaqisayo, ngiyavevezela. UCity Lyts udutshulwe amahlandla ayisishiyagalombili eSoweto izolo ebusuku. USandile ufile,” kubhala uDJ C-Live.

Abanye abadlulise amazwi enduduzo ngoBlacklez, L Tido, abamaSouth African Hip Hop Awards nabanye.