UKHUZANI neGcokama Elisha bathathwa noNgqongqoshe uBongi Sithole-Moloi ngesikhathi bethelelana amanzi UKHUZANI neGcokama Elisha bathathwa noNgqongqoshe uBongi Sithole-Moloi ngesikhathi bethelelana amanzi
AMANTSHONTSHO kaMaskandi Awards agqemeke udume kuhoxa uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose noMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele.
UKhuzani uthe isizathu esimenze wahoxa kuMantshontsho kulo nyaka wukuthi abanye abaculi bakamaskandi abakhululeki uma beqokwe naye. “Bayahoxa babaleke, bayangesaba manje ngibona ukuthi bazoze baguge bengenandondo. Nginesiqiniseko sokuthi njengoba ngihoxile nabo bazoyithola indondo, ikakhulukazi labo abadumile kodwa abangakaze bawine,” kuchaza uKhuzani. Lo mculi uduba nje wayehlabane ngezindondo ezintathu nyakenye maqede kwasuka umsindo ngoba Osaziwayo naMageza Amahle babesola ukuthi babanjwe ngophondo ukuze kuwine uKhuzani.
Igcokama Elisha liqophe i-video liziqhelanisa naMantshontsho ngoba alikaze lawangenela kanti lishaqekile selibona kunegama lalo ohlwini lwabaqokelwe kulo mqhudelwano. Igcokama liphinde labhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi alizihlanganisi naMantshontsho. “Ngifisa izwe lonke lazi futhi likuqonde ukuthi mina Mthandeni Manqele ngisuke ngingadlali uma ngithi angiyifuni imincintiswano yalapha eMzansi ngoba inamanga nobugebengu,” kusho Igcokama.
Ebuzwa umgqugquzeli waMantshontsho uZazi Nxele ngokuhosha imfe kukaKhuzani neGcokama, uthe: “Kuqokwe kubaculi abangenele nabavumile ukuqokwa. Imibuzo ngabangangenelanga ayibhekiswe kubona (abaculi),” kushaya uNxele ngezinqamulelayo. Emcimbini wokumenyezelwa kwabaqokiwe eBusy Corner, eTembisa bekukhona Igeza LakwaMgube, Jaiva Zimnike, Goqozile Masango, Abafana BakaMgqumeni, Dumakahle, Mkhathazi, Njoko, Joel Zuma, Floda Grae, Mjaheni, Mbuzeni noNgizwe Mchunu.
Eminxeni eboshelwe kulo nyaka kukhona: BEST MASKANDI: Khangelani, Jaiva, Bahubhe noQhosha. BEST MALE GROUP: Amageza Amahle, Amagcokama, Osaziwayo, Amabunjwa naManguni Amahle. BEST FEMALE GROUP: Osukasambe, Osaziwayokazi, Imithente, Izindlovukazi Zikamageba naMatshitshi Amhlophe. BEST MALE SOLO: Mkhathazi, Njoko, Magic Voice, Inyonemhlophe, Mjaheni, Mdumazi noMbuzeni. BEST FEMALE SOLO: Vumile Mngoma, Buselaphi, Glama, Garanti, Bonakele noBoneni. BEST SONG OF THE YEAR: Six to Six- Abafana BakaMgqumeni, Kuyagwazwa-Sgwebo Sentambo, Amadodana Amahlanu- Dumakahle, Usuzungishiye- Mzukulu, Kuphelelisiwe- Ithwasa Lendidane, Uyadlala Mbhemu- Qhosha/Khuzani, Game Over- Ezendidane, Idollar-Mnikezwa, Impi Yamatekisi, Anivume Nithi Shwi- Igeza LakwaMgube neMithente-Ngitheleleni Upoison.
Ukuvota kuvalwa ngoNovemba 3 ngo-2 emini.