IGIDIGIDI elisuswe yinkulumo kasomahlaya uFelix Hlophe ngokudlala ngenkotha ocansini, seluthinte uDISTANCE GUMEDE ukuba aphawule ngalo naye
Lo somahlaya uhlekisa ngokuthi abantu besilisa abayeke ukukhotha inanazi. Uze athi abesilisa abakhotha le nto bagcina bengenaso isithunzi, asho nenqwaba yezinye izinto.
Lokhu sekususe enkulu impikiswano ngokuthi ngabe kanti akumele yini ikhothwe inanazi.
Nabayikhothayo sebeyasaba manje, besaba ukuhlekwa ngoba lo somahlaya wenze kwaba sengathi le yinto embi okungamele amadoda ayenze.
Le ndaba isiphenduke ihlaya elimnandi njengoba sekukhona namadoda afaka izithombe ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa ukuvuvukala komlomo ethi kungenxa yomphumela wokukhotha inanazi.
Iningi labesifazane lona lizwakalisa ukukhathazeka kwazise bayazifela ngokukhothwa inanazi.
Abanye babuza nemibuzo ethi kanti izoqala nini ukukhothwa?
Abanye bathi isimemezelo sesiphumile sokuthi le nto isingakhothwa.
Esingakwazi-ke ukuthi engabe yena uFelix osuse umsindo ngokukhothwa kwenanazi akayikhothi yini. Akeve nje efuna amadoda ayiyeke kodwa yena ebe eyikhotha?
Kukona konke osekushiwo ngale ndaba, asibuyele ekutheni
akhona ngempela amadoda anenkani yeselesele nashaya phansi ngonyawo athi wona awasoze ayikhotha inanazi.
Athi ayidalelwanga ukukhothwa kodwa yadalelwa ukuthi ingenwe yinduku yethusi.
Amanye amadoda awokhanda qinile kakhulu imvamisa yilawo angawasemakhaya nakholwa ukuthi ukukhotha inanazi ukwenza ukungcola, amanye asho nokusho ukuthi ngeke umuntu afike akhothe inanazi aphinde ayoshisa impepho emsamo akhulume namadlozi.
Abanye bathi ngeke ukhothe inanazi bese uyophuza okhambeni olulodwa namadoda emizi emakhaya uma kuhlatshiwe.
Okufike kungihlekise kakhulu-ke ukuthi akusibona bodwa abantu besifazane abathanda ukukhothwa inanazi kodwa namadoda ayazifela ngokumuncwa induku.
Umbuzo enginawo-ke ukuthi ngabe njengoba inanazi nithi ayikhothwa, kusho ukuthi nathi asinganimunci induku?
Namhlanje ngifisa ukucacisa ukuthi le nto kamakhothana noma kamamuncana imnandi kodwa futhi kusuke kuwukuthanda kwalabo bantu abasuke beya ocansini ngaleso sikhathi.
Ngiyazi ukuthi baningi abayikhothayo nabafunayo ukukhothwa kanjalo nokumuncwa, wena nomuntu wakho ningenza noma yini ezonijabulisa uma nithandana.
Akukho lapho okumele nizikalele khona ngoba mina ngikholwa wukuthi ukujabulisana kwenu ocansini kusezandleni zenu.
Le nto yokukhothana izitho zangasese enye yendlela yokuzithokozisa, kuye nokuthi nina nithanda ukwenza kanjani.
Yize kunjalo abantu abaningi abafuni ukukhotha ngoba basaba ukuthi inanazi iyanuka, kodwa ngihlale ngisho ukuthi ngaphambi kokuthi niqale umdlalo wokuzijabulisa, kuhle niqale ningene endlini
yengwenya ndawonye ukuze niqinisekise inhlanzeko ngaphansi.
Abanye bathi ukukhotha umuntu ngaphansi uzibeka emathubeni okuthola izifo ezithathelana ngokocansi.
Ngokombiko wodokotela, ukukhotha isitho sangasese akunayo ingcuphe enkulu ngoba emlonyeni kukhona amathe okuyiwona aqukethe ama-enzymes alwa namagciwane.
Akekho-ke umuntu ophoqwayo ukuthi akhothe noma engathandi kodwa umuntu into uzenzela yena ngokuthanda kwakhe, into ebuhlungu kakhulu-ke ukuthi kuyenzeka umuntu agcine esejola ngenxa yokuthi
uthanda ukukhothwa ekubeni lo muntu athandana naye uyamncisha.
Kulula-ke futhi nokuthi awusoze wayikhotha uma ungakaze ubuzwe ubumnandi bokuyikhotha kanye nobumnandi bokumuncwa, baningi ababeshaya phansi ngonyawo kodwa namhlanje bashona bevumbuka ngedevu.
Abanye bayaphumela obala kanti abanye bayafihla.
Yenzani lokho okuzohambisana nani ukuze uthando lwenu luzoba mnandi ngendlela enifisa ngayo.