USEPHINDE wazidonsela amanzi ngomsele umsakazi weRadio 2000 uPhat Joe egxeka ukuqashwa komethuli wezinhlelo u-Anele Mdoda njengejaji kuMiss SA ngoLwesithathu ekuseni.
Lo msakazi uzwakalise ukungenami ngokuqokwa kukaMdoda njengejaji kumncintiswano wonobuhle ozodlala bukhoma kuthelevishini kuMzansi Magic ngo-Agasti 9.
Ephawula ngokuqashwa kuka-Anele Mdoda uPhat Joe uthe: "Ukufakwa kuka-Anele njengejaji likaMiss SA 2019 kwenzelwe ukukhulisa isibalo sababukeli, uyazazi naye ukuthi akasifanele lesi sikhundla" kusho uPhat Joe ohlelweni lwakhe lwasekuseni i Phat Joe and the Family.
Lokhu kushiye abalaleli balolu hlelo behlukene phakathi ku Twitter ngemibono, abanye besola uJoe ngokungabafiseli abanye okuhle kanti abanye bevumelana naye.
Anele is just mad cuz she knows deep down there’s an element of truth in what Phat Joe said.anyway I don’t get why they couldn’t get former miss South Africa to be part of the judges and let Anele enjoy her magwinya at home🤷♀️
— IG:Sewela_Babes_We_EFF (@sewela31) August 7, 2019
Mtshele.... Im so tired of supposed men hiding behind buttons to abuse women!!! If he can type it, he should be man enough to say it to you.
— #BlackLivesMatter✊🏿 (@callme_naomie) August 7, 2019
UMdoda akakuthathanga kahle lokhu, waphendula uPhat Joe ngenqwaba yemibhalo ekhasini lakhe ku Twitter emsola ngokumdlela umona.
undefinedundefinedundefinedLo msakazi uke waba sematheni emasontweni edlule kulandela inkulumo yakhe ngabantu abathandana nabantu bobulii obubodwa. UJoe wathi akaqondi ukuthi kungani behluleka ukwamukela ukuthi kunzima kwabanye abantu ukwamukela indlela abaphila ngayo. Waveza nokuthi kuyamnyanyisa ukufunwa omunye umuntu wesilisa. Lo msakazi wamiswa yiSABC ngemuva kwezikhalo zabalaleli.
Ngonyaka ka-2017 uJoe wamiswa futhi emsakazweni i-East Coast Radio ngemuva kwenkulumo ayenza ngesifo iDown's Syndrome.