UYAQALA kusasa umncintiswano i-Engen Volkswagen Polo Cup, okuwumncintiswano ongeminye wesineminyaka ukhona.

Kusasa uzobe uyingxenye yomzuliswano wokuqala we-Extreme Festival. Abashayeli be-Engen Polo Cup kulo nyaka bazobe bencintisana ngePolo GTI entsha eyi two-litre turbocharged engine enamandla angu-155kW netorque engu-350 Nm

Idonsa ngo-gearbox oyisix-speed manual kanti inamasondo angu-17 inch Dunpol semi-slick tyres.

InePush to Pass eyenza uktuhi abashayeli babe namandla afinyelela ku-170kW.

“I-Engen Polo Cup yasungulwa eminyakeni eminingi eyedlule ukunikeza ithuba kubashayeli abasebancane baseNingizimu Afrika kuthi abahamba phambili khona badlulele emijahweni emikhulu,” kusho uMike Rowe onguMphathi weVolkswagen’s Motorsport neVW Driving Academy.

“Lokho namanje akukashintshi. Sikholwa wukuthi abashayeli baka-2018 bazokwenza umncintiswano onzima,” kusho uRowe.

Abashayeli abazobe bencintisana eKylami bahlanganisa owePepper Racing uTasmin Pepper (Electric Life Polo), Shaun La Reservee (Alpine Motors Polo), Jason Campos (Campos Transport Polo), Keegan Campos (Campos Transport Polo), Darren Oates (Payen Polo), Alton Bouw (Champion Ferodo Polo) noClinton Bezuidenhout (Glyco Polo).

IHaupt Racing iza noJuan Gerber (Glasfit Polo), Paulus Franken (Manitou Group Polo), Charl Wilken (VW Polo) no Justin Oates (VW Polo).

I-TB Racing yona iza nabashayeli beVolkswagen Motorsport abancane uJonathan Mogotsi no-Raais Asmal.

Kukhona noShivesh Bissoon (Steaming Bean Etch Tech Polo) noBenjamin Habig (VW Polo), iLee Thompson Racing izogadla ngoSimon Need (Photonics Polo) noDelon Thompson (VW Polo) kuthi uJeffrey Kruger noJohan Pretorius bona bamele i-Universal Healthcare.

URowe uthe kuningi ukuqagela ngokuthi ubani ozophuma phambili kodwa namhlanje kuzocaca uma sebenikela eKylami okokuqala.