IRENAULT Duster entsha

IRENAULT Duster yimoto engiyazi kahle ngoba ngake ngachitha inyanga nayo ngiyivivinya.

Ngaleso sikhathi yaphasa ngamalengiso ngenxa yokuthi yayonga kudizili, ivulekile futhi ihamba ngokukhululeka omgwaqeni oyibhuqu noyitiyela.

Ngesikhathi kuphuma entsha, ngavele ngathi ngiyoke ngizwe ukuthi yenziweni. Phela kuke kwenzeke umuntu athi uyalungisa kanti uyona.

Kulokhu kodwa ibambe ngakho kwaRenault ngoba akukho okukhalisayo. Ngaphandle bayenze yabukeka ingcono kodwa yangashintsha kakhulu kunendala. Ngaphambili ishaya nge grille enkulu ephicwe ngechrome ehambisana namalambu amakhulu eceleni bese kuthi ngezansi ibe nama fog lights. Amalambu afana nezimoto zakwabo njengoba emise okuka-C. Ithe ukuqumba kumafenda, okhakhayini ishaya ngama roof rails kanti inyathela ngamasonto anamarimu angu-17 inch.

Ngemuva inamalambu ongacishe uwafanise naweJeep Renegade.

Ukuphakama kwayo kungu-210 mm okuyenza isheshe icace ukuthi iyiSUV encane.

Ngaphakathi yakhiwe yathi ukuqina ko-dashboard nasezicabheni. Izihlalo zayo zesikhumba zikugona kahle futhi zintofontofo. Kwesomshayeli kune-armrest ukuze uzophumuza ingalo uma uthatha ibanga elide. Ngaphansi kwesihlalo kunekhosombe lokufihla izinto nejngesikhwama semali. Ine-screen esiveza inkombandlela, ikhamera ngemva uma uhlehla nomsakazo. Ukwazi ukuxhuma iselula ngeBluetooth futhi idlala ne-USB okwenza ungabi naso isithukuthezi uma uhamba ngayo.

Kuningi okwenza impilo ibe lula ngaphakathi njengamawindi kagesi, automatic climate control, speed limiter necruise control. Okunye wukuthi ukhiye ugcine uhleli ephaketheni ngoba uma usondela iyavuleka futhi uma uhamba iyakhiya kanti idunyiswa ngebhathini.

Ngemuva ebhuthini isikhala sikhulu kanti uma singakwenelisi isikhala noma unezimpahla eziningi, izihlalo zangemuva ziyalala.

Uma usuyifaka emgwaqeni ithwalwa yinjini engu-1.5 dCI turbo. Le njini kadizili inamandla angu-80 kW netorque engu-250 Nm kanti isebenzisa ugearbox oyi-6-speed Dual-Clutch EDC automatic. Lo gearbox usebenza kahle nenjini ngoba ushintsha kamnandi. Nasemgwaqeni iDuster ihamba kamnandi ithule futhi infotontofo. Inamandla enele yize ibuye ifune unyathele mawala uma ufuna ukudlula enye imoto ngokushesha.

Ngesikhathi igcwele ibiveza ukuthi ingahamba ibanga elingu-1 080 yize ngingakwazanga ukukuqinisekisa lokhu ngoba ngiphinde ngayetha ungakapheli. Ngemuva kokuchitha isonto sihamba kuthelawayeka nasedolobheni ibidla amalitha angu-6.0.

Phakathi kwezokuphepha efika nazo kubalwa i-Anti-Lock Braking System, Electronic Brake Force Distribution, Emergency Brake Assist neHill Start Assist.

Angingabazi ukuthi iDuster izoqhubeka nokwenza kahle njengoba kade kwenza eyedlule. Lokhu ngikusho ngoba yakhelwe phezu kwendala ebiyintandokazi futhi yase yenziwa ngcono ngaphandle kokoniwa.

Inani

Duster 1.5 dCI Prestige EDC 4x2R334 900

Iphuma newarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha neservice plan yeminyaka emithathu noma

u-45 000km.