HONDA CIVIC
HONDA CIVIC
ESIKHATHINI esingaphansi kwenyanga esedlule, kwaHonda kuleli baqale ukudayisa iHonda Civic ethuthukisiwe.

Uma izinkampani zithuthukisa izimoto zazo zisuke zifuna ukuzenza zibe ngcono ukuze zizohlale ziheha kubathengi.

NakwiCivic kwenziwe ngenhloso efanayo. Uma siqala nje indlela ebukeka ngayo ayishintshile kakhulu. Empeleni ngize ngathatha isithombe sendala ngasibeka eduze ngoba ngifuna ukuqhathanisa ukuze ngizobona kahle umehluko.

Ngiqaphelile ukuthi ubhampa uthe ukushintsha kancane nakwi-grille. Umehluko wenziwe kuzona zonke okuyiComfort, Elegance, Executive nakwiSport, okuyiyo ebesihamba ngayo.

Amarimu aphinde ashintshwa kuzona zonke kanti kwiSport angu-17 inch amnyama.

Nangemuva futhi ubhampa ushintshile kancane bese kuba nechrome ngezansi.

Zonke lezi zinguquko ziyenza ibe yinhle kakhulu futhi abantu baphenduka nayo beyincoma. Isishoda nge-sunroof nje ukwengeza kulobu buhle bayo.

Ngaphakathi nakhona awukho umehluko otheni abawenzile. Ivulekile, abagibeli abayisihlanu bahlala ngokukhululeka ezihlalweni zesikhumba. Ezangaphambili ziyakwazi ukufudumala. Ibhuthi wudedangendlale.

Kunezinye izindawo ngaphakathi zokubeka iziphutho namanye amakhosomba okubeka izinto nokuyenza kube yimoto ekahle yomndeni.

Ngaphambili kunetouch screen engu-7 inch lapho udlala khona umsakazo kodwa abakwenzile ukufaka amabhathini ambalwa nenkinobho yomsindo ukuze kuzoba lula.

Akhona kodwa amabhathini esiteriningini. Ngaphandle kokudlala umsakazo kodwa uma uxhume iselula ngentambo ye-USB, ivela kwiscreen kwazise ine-Apple CarPlay.


Kuphinde kuvele ingemuva uma uhlehla njengoba inekhamera ngemuva. Izinjini azishintshwanga kwazise kusekhona ezimbili okuyi-1.8 litre engenayo iturbo bese kuba yi-1.5 turbo.

I-1.8 inamandla angu-104 kW ne-torque engu-174 Nm.

I-1.5 litre VTEC Turbo inamandla angu-127 kW ne-torque engu-220 Nm.

Ugearbox wayo uyiCVT kanti emgwaqweni ihamba kamnandi. Abakwenzile ukunciphisa umsindo ongena ngaphakathi njengoba ithule.

U-gearbox ushintsha buthule uma uzihambela kahle. Kukhona nebhathini lika-ECON mode oliciphiza uma ufuna yonge kakhulu.

Ngebanga lika-100km, igcine isebenzisa amalitha kaphethroli angu-7.7 ngo-100km. Kubo kwayo bathi isebenzisa angu-5.9 ngebanga elifanayo.

Ezokuphepha enazo zihlanganisa iVehicle Stability Control, Hill Start Assist, anti-lock brakes ne-electronic brake force distribution.

KwaHonda benze umsebenzi omuhle ngeCivic Sport ngoba yinhle futhi ivulekile nokuyenza kube yimoto ekahle yomndeni. Yehlukile akuyona imoto eyandile emgwaqweni futhi ihamba kamnandi.

Amanani

1.8 Comfort CVT - R364,500

1.8 Elegance CVT - R408,500

1.5T Sport CVT - R474,700

1.5T Executive CVT - R507,600

Zifika newarranty yeminyaka emihlanu noma * -200 000km, iservice plan yeminyaka emihlanu noma * -90 000km kanjalo ne-AA Roadside Assistance yeminyaka emithathu.