PEUGEOT 2008
NGENYANGA eyedlule kwaPeugeot bethule i-2008 entsha okulindeleke ukuthi iqale ukudayisa ngonyaka ozayo.

ENingizimu Afrika abaqinisekisanga ukuthi iza nini kodwa babheke kuwo unyaka ozayo, ekuqaleni kwawo.

Ngesikhathi isalindiwe, kuseqhutshekwa nokudayisa esemakethe manje.

Muva nje sithole ithuba lokuhamba nge-2008 GT-Line. Kuyaziwa ukuthi abantu bayazifela ngama-compact crossover okanye amaSUV amancane nokuyingakho le nkampani yangenisa khona ngo-2013 nge-2008. Kuthe ngo-2017 yabe isithuthukiswa.

Ngaphandle ibukeka yinhle. Ebesihamba ngayo ibinombala obomvu yabe isiba ne-grille emnyama ecwebezelayo kanjalo nakubhampa ngezansi. Inamarimu angu-17 inch, amakhava amnyama ezibukweni nakuma-roof rails. Nangemuva inobhampa omnyama nenqawe ecwebezelayo esiliva.

Ngaphakathi inezihlalo zezikhumba ezinezitishi ezibomvu. Ezangaphambili ziyakwazi ukufudumala. Lo mbala obomvu ukhona nasesiteringini, kukhaphethi, handbrake nasezicabheni.

Okungichaza kakhulu yingaphambili layo elinganalo uxhaxha lwamabhathini. Kunalokho kune-touchscreen encanyana engu-7 inch. Lapha udlala umsakazo futhi kuvela nenkombandlela.

Okunye okungichazayo yisiteringi esincanyana okwazi ukusehlisa nokusenyusa. Ngaphezu kwaso ubona i-instrument cluster okwazi nokubona inkombandlela kuyo.

Ngaphakathi ivulekile okwenza abagibeli bahlale kahle nempahla ngemuva. Ibhuthi lingu-410 litres kodwa uma ulalise izihlalo liba ngu-1400 litres.

Ebusuku bazamile ukuyihlobisa ngokuyenza ikhanye okhakhayini.

Ngaphansi kwebhonethi inenjini engu-1.2 litre turbo eyi three-cylinder. Le njini kaphethroli inamandla angu-81kW netorque engu-205 Nm. Isebenzisa * -gearbox oyi-6 speed automatic.

Uma uhamba ngayo iyashesha ukufaka amandla. Emgwaqeni ihamba ngokukhululeka kodwa uma usunyuka intaba iyezwakala ukuthi inenjini encane. Ukusebenzisa kwayo ugearbox ozishintshayo kwenza kube lula ukuhamba edolobheni. Sengicabanga uma uhambisa izingane esikoleni ekuseni kunesiminyaka. Ngebanga lika-100km/* ibisebenzisa amalitha angu-6.3 kodwa kubo bathi idla angu-5.2. Inethangi elingu-50 litres.

Okulekelela ukuthi yonge yingoba iyashesha ukufaka igiya eliphezulu ngoba uma usuhamba ngo-120km/* ama revvs asuke dlala ku-2100 rpm. U-gearbox wayo ushintsha kahle ngesikhathi esifanele.

Kunegiyana elincane leGrip Control osetha kulo ukuthi uhamba kuphi njengasobhuqweni nasetiyeleni.

Ezokuphepha efika nazo zihlanganisa i Anti-lock Braking System (ABS), Electronic Stability Control (ESP), Hill Assist, Emergency Brake Assist (EBA), Electronic Brake Force Distribution, Anti-Slip Regulation (ASR) nama-airbag amabili ngaphambili, emaceleni nama curtain airbags.

Elokugcina iPeugeot 2008 GT-Line yimoto ekahle eseqophelweni eliphezulu. Isigaba encintisa kuso yisigaba esikhulayo abantu abazibhekayo izimoto ezikuso njengeMazda CX-3, Toyota C-HR, Hyundai Creta, nezinye. Nayo yakhiwe ngendlela yokuthi iyakwazi ukungena khaxa kulo mbango

Inani

R358 900

Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma * -45 000km, warranty yeminyaka emithathu noma * -100 000km, Anti-Perforation yeminyaka engu-12 ne-paint warranty yeminyaka emithathu.