KUSUKE kunje embukisweni wezimoto iFestival of Motoring eKyalami Grand Prix eGoli
UKHUZA ibuya okwesithathu eKyalami Grand Prix Circuit umbukiso wezimoto iFestival of Motoring nasekupheleni konyaka.

Lo mcimbi kumenyezelwe ukuthi uzoba ngo-Agasti 31 kuze kube wuSepthemba 2 kanti uhlelwa yiMesse Frankfurt SA.

Ngonyaka odlule kuthiwa wathanyelwa ngabantu abangaphezulu kuka-57 000.

Kulo nyaka kuthiwa sezikhona izinkampani eseziqinisekisile ukuthi zizoba khona, lokhu okusho ukuthi izethameli zingalindela ukubona isibalo sezimoto ezethulwayo esithe xaxa, ukukhonjiswa kwezimoto ezintsha, izimoto zejubane enkundleni kanjalo naleyo yama-4x4.

Kuzokhonjiswa nangezimoto zamzukwana ezingu-15 ngaphansi kweBest of the Best.

Kuzoba nendawo lapho kuzobe kukhonjiswa khona ngobuchwepheshe obusha obuhambisana nemboni yezezimoto.

Amathikithi aseqalile ukutholakala ku-www.itickets.co.za kanti yilapho neminye imininingwane itholakala khona. Amanye azotholakala esangweni.