SEKUQALIWE ukukhiqizwa kweveni enamandla yakwaFord iRanger Raptor Isithombe: SITHUNYELWE

KUQALILE ukukhiqizwa kweveni elinamandla lakwaFord, iRanger Raptor, embonini yale nkampani eSilverton Assembly Plant, ePitoli.

IRaptor iyiRanger yokuqala yakwaFord ukwakhiwa ngaphansi komndeni wezimoto zamandla iFord Performance. Kulindeleke ukuthi yethulwe ngokusemthethweni kuleli ngasekuqaleni konyaka ozayo.

Njengoba kulungiselelwa ukuthi ikhiqizwe ngokuphelele, kuqalwe ngokuthi kwakhiwe ezokuqala ezingu-10 ukuze ziyohlolwa. Kutshalwe uR3 billion eSilverton Assembly Plant.

U-Ockert Berry oyisikhulu sokusebenza kwaFord Middle East nase-Afrika uthe lokhu kusho lukhulu kwaFord njengoba bebone amaRaptor okuqala ephuma ngemuva kwezinyanga ezingu-10 kuthuthukiswa imboni.

“IRanger Raptor iyimoto ebalulekile kithi,” kusho uBerry.

Uthe le moto izokhiqizwa kuleli bese ithunyelwa e-Europe, Middle East nakwamanye amazwe e-Afrika. Ishaya ngenjini eyi-2.0 Bi-Turbo eyakhiwa embonini yakwaFord, iStruandale Engine Plant ePort Elizabeth.

Ifuqa amandla angu-157 kW netorque engu-500 Nm futhi inogearbox oyi 10-speed automatic.