SEBEQALILE ukwamukela ama-oda eMazda CX-3 ethuthukisiwe emagaraji akwaMazda e-Afrika eseningizimu
SEBEQALILE ukwamukela ama-oda eMazda CX-3 ethuthukisiwe emagaraji akwaMazda e-Afrika eseningizimu

SEBEQALILE ukwamukela ama-oda eMazda CX-3 ethuthukisiwe emagaraji akwaMazda e-Afrika eseningizimu.

Le moto bayishintshe lapha nalapha ngaphandle nangaphakathi ukuyenza ihehe kumakhasimende.

Umehluko abawenzile uhlanganisa ukuthi ikhava yama-fog lamp isishintshe yaba mnyama, amarimu amasha angu-18 inch, ne-grille.

Umbala obomvu abawubiza ngeSoul Red Crystal usutholakala kuzona zonke izinhlobo. Ezinhlotsheni ze-Individual ne-Individual Plus kukhona amalambu eLED ngemuva.

Ngaphakathi kwi-Active kufakwe indawo yokuphumuza ingalo ngaphambili kanjalo nehandbrake kagesi i-electric parking brake (EPB).

KwiDynamic bagaxe indawo yokuphumuza ingalo ngemuva enezimbobo zokubeka iziphuzo kanjalo nesibuko sokukhombisa ngemuva esizidimayo.

I-Individual ne-Individual Plus zombili zifika nezihlalo zesikhumba.

Ngaphansi kwebhonethi umehluko awukho njengoba zonke izinhlobo eziyisithupha zifika nenjini engu-2.0L SKYACTIV enamandla angu-115 kW netorque engu-206Nm. Zidonsa ngogearbox ozishintshayo oyi-6 speed noma oshintshwayo.

IMazda CX-2 Active FWD Manual ne-Active FWD Auto zifika namarimu angu-16 inch, halogen headlamps, izibuko ezigoqeka ngogesi, i-handbrake kagesi, umsakazo onezipikha ezine odlala iCD/AUX/USB ineBluetooth, isiteringi esinamabhathini, Cruise control, armrest ngaphambili, idunyiswa ngebhathini, ne i-Stop kwezishintshayo.

AMAMAZDA CX-3 Dynamic FWD Manual neDynamic FWD Automatic wona ahlukile kunamanye ngokuthi afika namalambu azikhanyisayo, LED fog lamp ngaphambili, amawiper azishayayo uma lina, MZD Connect system 7-inch display screen, MZD Commander, izipikha eziyisithupha, isiteringi sesikhumba negiya, auto air-conditioning, ama-sensor ngemuva nokunye.

IMazda CX-3 Individual FWD Automatic ifika namarimu awu-18 inch alloy, LED headlamps, amalambu azikhanyela ngokwawo ebusuku nasemini eLED, sunroof evuleka ngogesi, ama-sensor nekhamera ngemuva, izihlalo zesikhumba, BOSE sound system enezipikha eziyisikhombisa, Head-up display nenkombandlela.

Eyokugcina iMazda CX-3 Individual Plus FWD Automatic inezibuko ezizigoqayo, Adaptive Headlamps, Blind Spot Monitor, Lane Departure Warning, Smart City Brake Support neDriver Attention Alert.

Intengo

Mazda CX-3 2.0L Active FWD Manual - R292,700 (Incl VAT)

2.0L Active FWD Auto - R313,000 (Incl VAT)

Mazda CX-3 2.0L Dynamic FWD Manual - R322,300 (Incl VAT)

2.0L Dynamic FWD Automatic - R334,300 (Incl VAT)

Mazda CX-3 2.0L Individual FWD Automatic - R384,600 (Incl VAT)

Mazda CX-3 2.0L Individual Plus FWD Automatic - R399,200 (Incl VAT)

Zonke zifika ne-service plan yeminyaka emithathu engakaliwe amakhilomitha, i-warranty yeminyaka emithathu, roadside assistance yeminyaka emithathu neCorrosion Warranty yeminyaka emihlanu.