Ukukhiqizwa kwale moto kuzodala amathuba omsebenzi alinganiselwa ku-1 200 kanti kulindeleke ukuthi kuqale ngonyaka ozayo kanti

INISSAN imemezele ukuthi itshale uR3 billion embonini yayo eRosslyn, ePitoli, ukuze kukhiqizwe iNissan Navara entsha.

Lokhu kusho ukuthi sezizoba zintathu izimoto ezikhiqizwa embonini okwenziwa kuyo iNP200 neNP300 eziyizintandokazi. Zidayiswa emazweni alinganiselwa ku-45.

Ukukhiqizwa, okuzodala amathuba omsebenzi alinganiselwa ku-1 200, kulindeleke ukuthi kuqale ngonyaka ozayo kanti. Kuqagelwa ukuthi ukufika kweNavara kuzokwengeza izimoto eziwu-30 000 kweziwu-35 000 ezikhiqizwa ngonyaka kule mboni.

Usihlalo weNissan e-Afrika, Middle East nase-India, uPeyman Kargar, uthe i-Afrika iyingxenye yomkhankaso wabo wokunyusa izinga labo kuleli zwekazi, eMiddle East nase-India. Uthe bavele bangenisile e-Egypt, Nigeria naseNingizimu Afrika.

Isikhulu sakwaNissan Group of Africa, uMike Whitfield, sithe iNavara entsha iyimoto ekahle kuleli futhi abasebenzi sebezimisele ngokuyikhiqiza.

“Izimoto zibalelwa ku-14% emikhiqizweni ephuma eNingizimu Afrika. Ukukhiqizwa kweNavara kuzosivumela ukuthi sikhulise imboni iRosslyn njengesizinda sokuthumela ngaphandle izimoto ezingamaLight Commercial Vehicle futhi sibe nomthelela embonini yezimoto kuleli.”

Emhlabeni jikelele ngonyaka odlule kudayiswe amaNavara awu-231 435, okuyisibalo esikhule ngo-6% uma kuqhathaniswa nonyaka owandulela odlule.

Ngesikhathi kwenziwa lesi simemezelo bekukhona noMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa.