UMSHAYELI weMercedez uLewis Hamilton onqobe isizini yeFormula 1 edlule. Isithombe: AP Photo/Francois Mori)
ZIQALILE izolo izinkampani zezimoto ukwethula ezizogadla ngazo emncintiswaneni wakulo nyaka wezimoto zomjaho iFormula 1.

Izolo kuqale iWilliams eLondon njengoba kulungiselelwa ukuqala kwesizini entsha.

NgoMsombuluko kulindeleke ukuthi iRed Bull yethule eyayo, iSauber neRenault ngoLwesibili, ngoLwesine kube yiMercedes, ngoLwesihlanu kuzoba yiMcLaren bese ngoFebhuwari 26 kube yiToro Rosso.

Ngemuva kwalokhu amaqembu azobe esehlola izimoto zawo kusukela ngoFebhuwari 26 kuya kuMashi 1 eBarcelona, eSpain. Lokhu kuzophinde kwenzeke khona eBarcelona ngoMashi 6 kuya kuMashi 9.

Isicoco sangesizini eyedlule salo mncintiswano sathathwa ngumshayeli weMercerdes, uLewis Hamilton ezithendeni zakhe kukhona uSebastien Vettel weFerrari. Umjaho wokuqala nonyaka kuzoba yi-Australian GP ezoba seMelbourne ngoMashi 25.