I-MINI 1499 GT

KWAKHIWE iMINI yekhethelo iMINI 1499 GT njengoba kuzotholakala kuphela angu-30.

Le moto isiqalile ukudayisa futhi ngendlela ethengwa ngayo ayijwayelekile kwazise awuyi egaraji ufike uyikhombe kodwa ungena kwi-website (mini1499gt.co.za) eyakhelwe ukudayisa yona kuphela.

Le moto itholakala kuphela ngombala mnyama abawubiza ngoMidnight Black bese iphiba nolayini abagolide emaceleni.

Ngaphandle ishaya ngezinto zeMINI John Cooper Works kubhampa ngaphambili nangemuva, “isiketi” emaceleni, nakwispoiler.

Inamasondo anamarimu angu-17 inch amnyama namakhava agolide futhi okhakhayini ine panorama sunroof.

Nayo ifana neMINI entsha njengoba ishaya ngamalambu abawabiza nge-Union Jack ngemuva kanjalo namaLED headlights.

KWAKHIWE iMINI yekhethelo iMINI 1499 GT njengoba kuzotholakala kuphela angu-30.

Ngaphakathi inezihlalo ezingamasports seats zeJohn Cooper Works zesikhumba, isiteringi seJohn Cooper Works esinezitishi ezibomvu namabhathini.

IneVisual Boost radio eneMINI Connected okwazi ukuxhuma kuyo iselula nokunye.

Ngaphansi kwebhonethi inenjini eyiTwinPower Turbo eyithree cylinder efuqa amandla angu-100 kW netorque engu-220 Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/* kuyithatha imizuzwana engu-7.8.

Bathi bayigaxe isports suspension futhi ihlanganisa nezinto ezitholakala kiwMINI Cooper yakamuva.

Inani

MINI 1499 GT - R447 000.