Toyota Hilux

SEHLILE isibalo sokuthengwa kwezimoto kuleli ngoNovemba uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

Izibalo ezikhishwe yiNational Automobile Association of South Africa (Naamsa) ziveze ukuthi ngoNovemba izimoto ezidayisiwe zibe ngu-47 486 nokuyisibalo esehle ngo-2 265 noma u-4.6% uma kuqhathaniswa no-49 751 wangoNovemba nyakenye.

Ngakolunye uhlangothi isibalo sezimoto ezithunyelwa ngaphandle sona sinyukile. Zinyuke ngo-824 (2.5%) njengoba zibe ngu-34 352 zisuka ku-33 528 ngonyaka odlule.

Kuzona zonke izimoto ezingu-47 486 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-37 224 noma u-78.4% zidayise emagaraji, ezilinganiselwa ku-16.3% zithengwe yizinkampani ezibolekisa ngezimoto, u-3.5% wathengwa nguhulumeni kwathi u-1.8% waba ngowezinkampani.

Isibalo sokuthengwa kwezimoto ezintsha sehle ngo-1 764 noma u-5.4% njengoba ngonyaka odlule zazingu-32 818 kanti kulokhu zibe ngu-31 054.

Ukuthengwa kwamaveni, amatekisi namaloli amancane kusuke ku-14 586 kwaya ku-13 695. Lokhu kusho ukwehla ngo-891 noma u-6.1%.

IWesBank ithe ukuthengwa kwezimoto kuphazanyiswe wukunyuka kwemali mboleko.

Isikhulu sezokudayisa nokumaketha, uMnuz Ghana Msibi, sithe yize izibalo zehlile kodwa abantu basazimisele ngokuthenga izimoto.

“Uma sibheka izicelo zakwaWesBank, amakhasimende asazimisele ngokuthenga izimoto. Nokho abantu bazifuna kakhulu izimoto esezisebenzile (izicelo ezingu-69% ngezezimoto ezingamasekeni) okuyizinkomba zengcindezi embonini yezimoto ezintsha kanjalo nokuba nzima kwesimo semali emindenini nokukwazi ukumelana nenani lemoto.”

Izimoto ezincane ezinhlanu ezidayise kakhulu yiVW Polo (2529), VW Polo Vivo (2427), Ford Figo (1195), Ford Fiesta (980) neToyota Fortuner (886).

Kwezisesigabeni sama-light commercial vehicles kukhona iToyota Hilux (3235), Ford Ranger (2506), Nissan NP200 (1698) neToyota Quantum (1694).