BMW 8 Series

NJENGOBA unyaka usuya ngasemaphethelweni, sekukhona asebeqalile ukwenza izinhlelo zonyaka ozayo.

Abanye asebeziqinisekisile izinhlelo zabo abakwaBMW asebememezele ukuthi kuzothi kuqala u-2019 bube sebutheleka kwelengabadi ubutsetse besilahlamatende iBMW 8 Series Convertible.

Imoto edle ngokuba sporty ukhakhayi lwayo luthatha imizuzwana ewu-15 ukuvuleka nokuvaleka futhi lokho ukwazi ukukwenza uhamba ngesivinini esingaphansi kuka-50 km/h .

Yize inezinhlobo ezehlukene kodwa eNingizimu Afrika kuzofika kuphela i M850i xDrive. Inenjini engu-4.4 litre V8 enogearbox oyi eight-speed Steptronic.

Inamandla angu-390 kW netorque engu-750 Nm. Isukisa okonyazi, kuyithatha imizuzwana ewu-3.9 ukufika ku-100 km/h. Ijubane elikhulu ngu-250 km/h .

Ifika nezinto eziningi okubalwa kuzo ama-Adaptive LED headlights namaLED lights ngemuva, amarimu angu-20 inch, M Sport braking system, ibhuthi elilayisha impahla engu-350 litres. Uma uthanda uyikwazi ukuyenza ukuthi ishaje iselula ungayifakanga ntambo, BMW display key, umsindo weBowers & Wilkins Diamond Surround Sound System, nokunye okuningi.

Izinsiza zomshayeli zihlanganisa ukuthi ibike uma izoshayisa, ibike uma iphuma emzileni, uma seyeqisa ijubane, ikusize uma upaka nokunye.