IBMW X6 ezotheleka ngoNovemba kuleli
IBMW X6 ezotheleka ngoNovemba kuleli

SEKUQINISEKISIWE ukuthi izotheleka ngoNovemba kulo nyaka iBMW X6 entsha yesizukulwane sesithathu.

Le moto ezokwakhiwa embonini yakwaBMW, iPlant Spartnaburg, e-United States of America, izotholakala ngezinhlobo ezimbili okiyiX6 M50i neM50d.

I-M50i inenjini engu- 4.4-litre twin turbo V8 enamandla angu-390kW netorque engu-750Nm.

I-M50d iphethen injini eyi triple-turbo 3-litre enamandla angu-294kW netorque engu-60Nm.

Zonke zinogearbox oyi eight-speed Steptronic transmission.

I-X6 bathi yakhiwe ngendlela yokuthi izophendula amakhandla ngobuhle bayo.

Bathi ubude bayo bandiswe ngo-26mm yaba ngu-4 935mm uma uyiqhathanisa nendala futhi nobubanzi bunyuswe ngo-15mm yaba ngu-2 004mm.

Ukuphakama bakunciphise ngo-6mm yaba ngu-1 696mm. Iwheelbase bayinyuse ngo-42mm yaba ngu-2 975mm.

Ngaphandle igqame ngeBMW kidney grille enkulu. Uma uthanda ufaka i-illuminated BMW kidney grille eyenza ikhanye.

Amalambu uma uthanda ufaka amaBMW Laserlight with Adaptive LED headlights. Emaceleni ishaya ngama criss bese iba namarimu angu-19 inch. Uyakwazi ukuthola angu-20 kuya ku-22 inch.

I-M50i neM50d iza nangu-21 inch. Zombili lezi zimoto uzothola nge xLine noma ngeM Sport eziyenza yehluke.

Ngaphakathi bayifake isikhumba. Izihlalo zangemuva ziyalala ukuze kwande isikhala sebhuthi sisuka ku-580 litres siya ku-1 530 litres.

Izihlalo zangaphambili uyakwazi ukuzenza zikuwotawote, ine-panorama glass roof, izipikha zeBower & Wilkins Diamond+ 3D Surround Sound System.

Ubuchwepheshe obusiza umshayeli buhlanganisa iCruise Control with braking futhi iyabika uma izoshayisa abantu noma abahama ngamabhayisikili.

Uma uthanda ufaka i-Active Cuise Control system eyenza ukuthi izihambele futhi ime uma kunesidingo.

Uma uthanda wengeza ubuchwepheshe bokuthi izigcine isemzileni, ibike uma uhamba emzileni ongafanele, isho uma ungashayisa ngemuva nokuthi iziphumele lapho ipake khona.

Uyakwazi futhi nokukhuluma nayo uthi “Hey BMW” bese usho ofuna ikusize ngakho. Imininingwane ephelele ngayo izoba khona uma isiyethulwa ngoNovemba.