IMahindra TUV300
KUNABANTU abasheshayo ukwahlulela omunye umuntu noma into bengakamqondi noma bengakayazi kangcono.

Lokhu yinto engiyibone yenzeka ngesikhathi ngihamba ngeMahindra TUV300 ngesonto eledlule.

Besayibuka nje bebekhuluma konke abakuthandayo nokuyizinkomba zokuthi igama layo lidelelekile.

Kusho ukuthi abezokukhangisa kule nkampani yase-India kusamele basebenze ngokuzikhandla ekwenzeni igama layo abantu belithembe kodwa nginakho ukuqonda ukuthi ngeke bayithande bonke ingemali.

Ukuhamba ngayo kungenze ngaqaphela emgwaqweni ukuthi zande kanjani izimoto zale nkampani kuleli.

Ngingeke ngibasole futhi abahamba ngayo ngoba iyimoto enazo izinto ezinhle ngayo kodwa phela alikho isoka elingenasici.

Uma siqala nje ngaphandle ngeke uze usho ukuthi iyimoto enhle kodwa iyabukeka.

Yona nokho iyazincoma ngoba uma ungena ngaphakathi kuvele kuzwakale iphimbo lithi, ‘Welcome to your tough and stylish TUV300.’

Ngaphambili ishaya ngamalambu amakhulu nama-fog lamps akhanyisa ngalapho ujikela ngakhona ngenzansi ane-frame ye-chrome, inama roof rails, inesitebhisi sokugibela emaceleni futhi inyathela ngamasondo anamarimu angu-15 inch, ngemuva ibelethe isondo eliyisipele esilingana namanye amasondo.

Ngaphandle ibukeka incane kodwa uma ungena ngaphakathi ivulekile. Izihlalo zithe ukuqinaqina nokho kodwa abagibeli bahlala ngokukhululeka. Kwezingaphambili kunezindawo zokubeka ingalo. Ngemuva kunezinye izihlalo ezimbili ezibhekene nokuyenza ilayishe abagibeli abayisikhombisa.

Uma uthanda uyakwazi ukuzigoqa lezo zikhala ukuze kwande isikhala sempahla.

Esiteringini kunamabhathini okulawula umsakazo noma ukubamba ucingo uma uluxhume ngeBluetooth.

Kwi-centre console kunomsakazo omncane namabhathini ahlelwe kahle. Ngezansi kunezinkinombo zokuhlela i-air conditioner. Njengoba sengikubalulile ukuthi ineBluetooth, iphinde ibe nembobo ye-USB no-AUX uma ufuna ukudlala umculo.

Ngakwi-handbrake inamabhathini okuvula noma ukuvala amawindi. Ngicabanga ukuthi kumele bawasuse bawabeke ezicabheni njengakwezinye izimoto

Injini yayo ingu-1.5 litre turbodiesel. Le njini i-mHawk100 eyi four-cylinder inamandla angu-73.5 kW netorque engu-240 Nm. Idonsa ngo-gearbox oyi-five-speed oshintshwayo. Emgwaqweni ihamba kamnandi futhi umsindo wayo awuzwakali ngaphakathi. Namandla inawo ngoba ngisho emqanseni ayifuni ulokhu uqala phansi amagiya. Injalo nje iyonga futhi inethangi elikhulu ngoba uma igcwele ikutshela ukuthi ingahamba ibanga elingaphezulu kuka-700 km.

Ukuze yonge kakhulu uyifaka ku-Eco Mode. Lapho ivele izwakale sengathi isindwa wumzimba ngoba uma unyathela amafutha iwanyusa kancane amandla. Uma uyigaxe khona iyakhuluma ikutshele ukuthi usuyifake ku-Eco Mode.

Emgwaqweni ovulekile ayizweli emabhampini kunalokho iyawamunca abagibeli bangazweli kakhulu.

Kwezokuphepha ifika nama-airbag amabili, ABS ne-EBD. Uma ungalifakile ibhande iyakhuluma ikutshele ukuthi lifase.

Kwezobuchwepheshe ifika ne-Intellipark okungama-sensor asiza ukuthi ungashayisi uma uhlehla futhi amalambu akhanya imizuzwana uma usuyikhiyile ukuze kukhanye lapho uya khona.

ITUV300 iyimoto ekahle yomndeni ngenxa yokuvuleka kwayo futhi uma ubheka inani layo kanjalo nezinto efika nazo ngabe awenzi iphutha ngokucabangela ngakuyo.

Inani

I-Mahindra TUV300 T8 Manual ibiza uR229 995

Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000 km ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-90 000km.